UKomphela usolwa ngokwehla komdlali
KUSOLWA umqeqeshi weKaizer Chiefs, uSteve “Mphathi” Komphela, ngokwehla kukaSibusiso “Madoh” Khumalo oyibamba ngakwesokunxele emuva.
UKhumalo ulizwa ngendaba ijezi kulezi zinsuku kuMakhosi. Selokhu agcina ukubonakala emidlalweni wePremier’s Cup ngesikhathi Amakhosi eguqiswa yiChippa United ngo 1-0 eSisa Dukashe Stadium, e-Eastern Cape, ngenyanga edlule.
Kulo mdlalo uKhumalo wangena wenza amaphutha ngemuva kwalokho akaphindanga wadlala. UKomphela usebenzisa uTsepo “Chester” Masilela ngakwesokunxele emuva. Emdlalweni odlule ufake uPhilani Zulu endaweni kaMasilela.
“UMadoh ufike eStars of Africa Academy emncane. Bebembiza ngoMbesuma.
“Unenxele elihle ngendlela eyisimanga. Inkinga wukuthi kwiChiefs bayahluleka wukumdlalisa. UMadoh uwuhlobo lomdlali omuhle uma kuyiwa phambili.
“Ungamfanisa nabadlali abanjengoMarcelo (odlala ngakwesokunxele emuva) noDani Alves. Bahle uma kuyiwa phambili. Yebo umsebenzi wabo wukuvala emuva kodwa bafuna ukwazi ukubasebenzisa ngendlela. Bangama-wing backs (abadlali basemuva abakhonze ukushoshela phambili),” kusho uKhan. UKhumalo (28) odabuka eNanda, eThekwini, useyibambe cishe kuwo wonke amaqembu amakhulu eNingizimu Afrika. Udlale kwiMoroka Swallows anqobe nayo isicoco seNedbank Cup, Mamelodi Sundowns neSuperSport United.
Usedlale imidlalo emine kwiBafana Bafana. Ngo-2009 wayekhona ngesikhathi iqembu lesizwe lika-Under 20 lidlala kwiNdebe yoMhlaba. Uphinde wadlala kuma-All Africa Cup Games ngo-2011 eMaputo, eMozambique.
“UMadoh unethuba lokuba ngumdlali oyibamba ngakwesokunxele oseqophelweni eliphezulu eNingizimu Afrika. Kuphela udinga ukuthi abaqeqeshi baqonde ukuthi yikuphi lapho emuhle khona bese beqinisa kakhulu.
“Lo mfana usedlale kwiBafana wadlala nakwamanye amaqembu amakhulu. Akakwazi-ke ukuvele asuke abe ngumdlali obhedayo,” kusho uKhan.
UKhumalo uke wamataniswa neMaritzburg United naMaZulu obekuthiwa uzobolekiswa kuwona. Emdlalweni olandelayo iChiefs izobhekana neCape Town City, eCape Town Stadium, eKapa, ngoLwesithathu oluzayo.
Akucaci ukuthi kuzodlala bani emuva kwesokunxele njengoba uMasilela agcina ethintekile emdlalweni odlule bebhekene neSuperSport.