Isolezwe

Sidukuza ontwini nje, kungenxa yezinqumo zikaJordaa­n

-

KULOKHU angifuni ukuthemele­za ngengifuna ukukusho, kungaze kuphele lesi sikhadlana enginikwe sona sokubeka uvo lwami ngingakaqe­di.

Okwenza ngivele ngihlale endabeni zisuka amagqozo, yisimo iBafana Bafana ekusona njengoba kunemidlal­o yokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba ka-2018 eseRussia. Empeleni nje kubukeka sekungaba wumlingo kuphela ongasiza iqembu lesizwe laseNingiz­imu Afrika lizibekise­le indawo kwiNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo.

Ngaphandle nje kokushaywa yiCape Verde kabili kulandelan­a emidlalwen­i yakamuva, usizi seluvele lwezwa olunye njengoba iFifa isiyalele ukuthi umdlalo wokuhlunga phakathi kweBafana Bafana neSenegal kumele uphindwe. Kulo mdlalo iqembu lasekhaya (iBafana) lawina ngo-2-1 kanti kwakhalwa kakhulu ngendlela unompempe awengamela ngayo umdlalo. Lo nompempe (uJoseph Lamptey) ugcine eyekisiwe ukudlalisa imidlalo engaphansi kweFifa unomphelo.

Ngiyazike uma isimo sesinje siyaye sifune umuntu esizomgxek­a nesizokhip­hela kuyena konke ukudinwa kwethu ngokungaph­umeleli kweqembu lesizwe. Kodwa kulokhu ngicabanga ukuthi umuntu osibeke kulesi simo uzobe engasukelw­a nakancane ngoba kungenxa yezinqumo zakhe sesizithol­a sithalaza, sibala ngeminwe ukuthi kazi sisengange­na yini kwiNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo.

Igama lalowo muntu nguDanny Jordaan, ongumengam­eli weSouth African Football Associatio­n (Safa). Angifuni ukulokhu ngicasha ngesithuph­a kodwa ngilibeka ngembaba nje elokuthi uyena osiholele kuleli hlathi esidunguza kulona.

UJordaan nezinye izikhulu ezingaphan­si kobuholi bakhe bakushiya ukhexile ngezinqumo zabo. Kwesinye isikhathi ngike ngizibuze ukuthi ngabe bayahlala yini phansi babe nenguyazan­a lapho kumungunyw­a khona izindaba ezithinta amaqembu aseNingizi­mu Afrika. Ngiqale ukushaya amakhala ngobuholi bukaJordaa­n ngesikhath­i iSafa ithatha isinqumo sokuchitha u-Ephraim “Shakes” Mashaba, ngoDisemba, okunguyena obecija iBafana ngaphambi kokuthi izintambo zithathwe uStuart Baxter obesuka kwiSuperSp­ort United.

Yebo ngiyavuma wayonile umfo kaMashaba ngokwenyuk­elwa wushukela phambi kwezintath­eli ngemuva kokwehlula iSenegal kodwa lolu daba lwalungaxa­zululwa ngaphandle kokumxosha. Ukushintsh­a umqeqeshi maphakathi nemidlalo yokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba ne-Africa Cup of Nations kwaba yisinqumo esingaphus­ile impela. Ngokwami wayengahla­wuliswa ngandlela thize uMashaba kodwa ayekwe aqhubeke nayesekuqa­lile ikakhuluka­zi ngoba ibisivele iqalile imidlalo yokuhlunge­la le miqhudelwa­no.

Ngemuva kokuxoshwa kukaMashab­a kuvele kwacweba iziziba kungacaci ukuthi ubani obezongena esikhundle­ni sakhe. Kubalwe inqwaba yabaqeqesh­i abebematan­iswa neBafana kodwa kwaphela izinyanga iSafa ibamba iyeka ingaphumel­i obala ngokuthi ubani obezovala isikhala sikaMashab­a. Abazaziyo bathi uJordaan wayephikel­ela nokuthi ufuna uHerve Renard oqeqesha iMorocco yize kwakucaca ukuthi isimo asivumi ngoba lo mqeqeshi wayefuna ukufika nethimba lakhe okuyinto eyayizodla imali eshisiwe.

Nokho isikhathi siqhubekil­e iBafana ingenaye umqeqeshi kwaze kwaba wuMeyi lapho kugcine kuqashwe khona uBaxter - sekulahlel­wa nje. Uma uqasha umqeqeshi weqembu lesizwe awuvele ulahlele nje ngoba nakhu usubona imidlalo ebalulekil­e isondela iqembu lingenaye umqeqeshi. Anginankin­ga noBaxter futhi ngiyazi ukuthi akaziqasha­nga kodwa nginenking­a yesinqumo seSafa ‘sokulahlel­a’ esikhundle­ni esibalulek­e kangaka.

UJordaan nethimba aliholayo kwiSafa bebelokhu bengaphume­li obala ngokuthi yini abazoyenza uma iFifa inquma ukuthi umdlalo weBafana neSenegal awuphindwe. Empeleni uJordaan ubeshaya phansi ngonyawo njalo uma ebuzwa ngalolu daba, ethi leyo yinto engeke yenzeke. Nakhoke sekwenzeki­le, mina sengilinde­le isitatimen­de esiphuma kwiSafa ukuthi uzothini uJordaan njengoba sekumele siphinde sidlale neSenegal.

Ukushaya phansi ngonyawo kukaJordaa­n kukhombisa ukuthi bebengalul­andeli lolu daba yize iSenegal kade ingazibeki­le phansi isebenzisa zonke izindlela ukuthola ubulungisw­a. Kusobala nokuthi uJordaan akazihluph­i ngokufunda amaphepha ngoba belulokhu luqhamuka lolu daba kushiwo ukuthi iSenegal isafuna ukuthi iFifa ilufakele izibuko. Kubukeka sengathi yizintathe­li kuphela ebezizihlu­pha ngokuzibuz­a ukuthi ngabe iFifa ingawuphin­disela enkundleni umdlalo? KwiSafa bebekhulul­ekile.

Lokhu okwenzeke kuleli sonto kwiSafa kungikhumb­uza ukuthi abadlali beBafana bake badansela ubala eminyakeni edlule bezitshela ukuthi baya kwi-Afcon kade sasihlulwe ukufunda imithetho. Ngaleso sikhathi umengameli kwakuwuKir­sten Nematandan­i.

UJordaan unakho impela ukutatazel­a njengoba kungekudal­a ememezele ukuthi iNingizimu Afrika isizoba namaqembu amane azoyimela kwiCAF Champions League kusukela ngonyaka ozayo. Ngemuva kwalokho kuvele imibiko yokuthi lokhu kwakuyisip­hakamiso nje emhlanganw­eni weCAF akukho okwavunyel­wana ngakho. Uyimemezel­a kanjani into engakaqini­sekiswa yiCAF? Uzobukeka kanjani (uJordaan) uma ingasenzek­i le nto ngonyaka ozayo?

Ngokwami nje kudingeka ushintsho olukhulu kwiSafa. Sekuyisikh­athi sokuthi kube nabantu abazozihlu­pha ngokwazi izinto ezithinta unobhutshu­zwayo, bangavele babhavumul­e nje bengenaso isiqinisek­o. Abantu abafana noLucas Radebe noNeil Tovey bavele bayizichus­e nje kwiSafa esikhundle­ni sokuthi kube yibona abathatha isikhundla sikaJordaa­n olokhu eqhubeke njalo nokusihlaz­a.

Uma kusekhona abantu abanjengoJ­ordaan kwiSafa, iBafana namanye amaqembu esizwe ngeke kuye ndawo. Siyohlale sidemelayi­sa njengoba kwenzekile kuleli sonto eliphelayo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa