Zehlile izimoto eziya ngaphandle
SEHLILE isibalo sezimoto ezithunyelwa kwamanye amazwe ngenyanga eyedule, ngokusho kweNational Association of Automobile Manufacturers of SA (Naamsa).
Izibalo zokuthengwa kwezimoto kuleli zikhombise ukukhula. Zibe ngu-49 222 okuwukukhula ngo-3 091 noma u-6.7% wezingu-56 131 uma kuqhathaniswa no-Agasti wonyaka odlule. Ezithunyelwa ngaphandle zona zehle ngo-4 431 noma u-12.9% uma kuqhathaniswa no-Agasti wonyaka odlule njengoba zazingu-34 358 kanti kulokhu zibe ngu-29 927.
Ezimotweni eziwu-49 222 ezidayisiwe, ezingu-40 320 noma u-81.9% zidayiswe emagaraji, u-11.9% zathengwa yizinkampani ezibolekisa ngezimoto kwathi u-3.6% wathengwa yizinkampani kanti u2.6% kube ngokahulumeni.
INaamsa ithe kunzima ukubala izimoto ezithengwa yizinkampani eziqashisa ngezimoto ngoba ezinye zazo kazibiki.
Ukuthengwa kwezimoto ezintsha nakho kunyukile uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule. Zibe ngu-32 161 kanti ngonyaka odlule zibe ngu-30 507 okuwukukhula ngo-1 654 noma u-5.4%.
Isibalo sokuthengwa kwamaveni, amatekisi namaloli amancane naso sinyukile saya ku-14 834. Sikhule ngo-1 448 kwesangonyaka odlule esasingu-13 386.
Ngemuva kokuthi kukhulile ukuthunyelwa ngaphandle kwezimoto ngoJulayi, ngenyanga eyedlule nokho kwehle ngo-4 431 noma u-12.9% uma kuqhathaniswa no-34 358 ngo-Agasti wonyaka odlule.
INaamsa ithe ilindele ukuthi izibalo zokuthengwa kwezimoto nonyaka zicishe zifane nezangonyaka odlule.