Isolezwe

Zehlile izimoto eziya ngaphandle

- INTATHELI YEZEZIMOTO

SEHLILE isibalo sezimoto ezithunyel­wa kwamanye amazwe ngenyanga eyedule, ngokusho kweNationa­l Associatio­n of Automobile Manufactur­ers of SA (Naamsa).

Izibalo zokuthengw­a kwezimoto kuleli zikhombise ukukhula. Zibe ngu-49 222 okuwukukhu­la ngo-3 091 noma u-6.7% wezingu-56 131 uma kuqhathani­swa no-Agasti wonyaka odlule. Ezithunyel­wa ngaphandle zona zehle ngo-4 431 noma u-12.9% uma kuqhathani­swa no-Agasti wonyaka odlule njengoba zazingu-34 358 kanti kulokhu zibe ngu-29 927.

Ezimotweni eziwu-49 222 ezidayisiw­e, ezingu-40 320 noma u-81.9% zidayiswe emagaraji, u-11.9% zathengwa yizinkampa­ni ezibolekis­a ngezimoto kwathi u-3.6% wathengwa yizinkampa­ni kanti u2.6% kube ngokahulum­eni.

INaamsa ithe kunzima ukubala izimoto ezithengwa yizinkampa­ni eziqashisa ngezimoto ngoba ezinye zazo kazibiki.

Ukuthengwa kwezimoto ezintsha nakho kunyukile uma kuqhathani­swa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule. Zibe ngu-32 161 kanti ngonyaka odlule zibe ngu-30 507 okuwukukhu­la ngo-1 654 noma u-5.4%.

Isibalo sokuthengw­a kwamaveni, amatekisi namaloli amancane naso sinyukile saya ku-14 834. Sikhule ngo-1 448 kwesangony­aka odlule esasingu-13 386.

Ngemuva kokuthi kukhulile ukuthunyel­wa ngaphandle kwezimoto ngoJulayi, ngenyanga eyedlule nokho kwehle ngo-4 431 noma u-12.9% uma kuqhathani­swa no-34 358 ngo-Agasti wonyaka odlule.

INaamsa ithe ilindele ukuthi izibalo zokuthengw­a kwezimoto nonyaka zicishe zifane nezangonya­ka odlule.

 ??  ?? IYAQHUBEKA nokuba yinyama kubathengi iToyota Hilux okudayiswe angu3 392 ngenyanga eyedlule
IYAQHUBEKA nokuba yinyama kubathengi iToyota Hilux okudayiswe angu3 392 ngenyanga eyedlule
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa