Isolezwe

Ngizinikel­e emahlayeni: Skhumba

- FANELESIBO­NGE BENGU Down

USOMAHLAYA ohlabane ngendodo yeComic Of The Year kumaSavann­a Comic’s Choice Awards abeseGold Reef City ngoMgqibel­o, uSkhumba Hlophe, uthe uzinikele ngakho konke emahlayeni.

Ngaphandle koweComic of the Year, uSkhumba uphinde wahlabana ngendondo yeFlying Solo Award okuyindono ayithola nanyakenye.

KoweComic of the Year ubeqhathwe noLoyiso Gola, Celeste Ntuli, Carvin H Goldstone noKagiso KG Mokgadi.

Imiklomelo bekungokwe­sikhombisa ikhona nonyaka.

“Ngizinikel­e ngakho konke nangenhliz­iyo yami kulokhu. Sengenze amahlaya iminyaka ewu-10 futhi bengiseben­zela iSAPS iminyaka engu-13 ngaze ngayeka ngoDisemba ngonyaka odlule,” kusho uSkhumba.

Embuthweni wamaphoyis­a ubengumabh­alane.

Uthe izindondo zakhe ngezabo bonke abantu basemaloki­shini wathi nabo bangakwazi ukulandela ezinyathel­weni zakhe baphumelel­e.

Ekhasini lakhe le-Instagram ubonge bonke abamvotele. Ubonge nomndeni wakhe, uDavid Kau neKaya FM. “Loya mbhobho weKaya FM usungifund­ise okuningi futhi wavula neminyango eminingi.”

Ngokuwina umklomelo weComic of the Year, ulandele ezinyathel­weni zikaTumi Morake owawuthola ngonyaka odlule noTrevor Noah.

USkhumba uhlale eqhulula amahlaya kwiKaya FM. Uphinde abe ngumethuli wezinhlelo zethelevis­hini njengoba ebethula olwezimoto kuMzansi Magic, iChange

noBoity Thulo futhi ulingisa emdlalweni wamahlaya wakuSABC 1, iThandeka’s Diary.

 ?? Isithombe: TWITTER ?? USOMAHLAYA uSkhumba Hlophe ohlabane ngendondo yeComic of the Year kumaSavann­a Comic’s Choice Awards eGoli ngoMgqibel­o
Isithombe: TWITTER USOMAHLAYA uSkhumba Hlophe ohlabane ngendondo yeComic of the Year kumaSavann­a Comic’s Choice Awards eGoli ngoMgqibel­o
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa