Babanga nezinja amathumbu ezinkukhu
UMPHAKATHI waseGeorgedale odla imbuya ngothi ubanga nezinja amathumbu ezinkukhu alahliwe.
Amathumbu alahlwa emgodini owodwa nezimpaphe negazi epulazini lezinkukhu elinamadela, iSalejee’s Farm.
UNkk Nokwenzeka MemelaNhlabathi (35) nodadewabo uNksz Ntombikhona Memela (32) baphuma emndenini wabantu abangu-16. Bathi nyanga zonke abanayo imali yokuthenga isishebo.
Lo mgodi ongashoni usesigangeni ngaphandle kwamadela epulazi.
UNkk Memela unezingane ezinhlanu eneminyaka ewu-16, 12, 11, 9, nenonyaka owodwa. Waphelelwa umsebenzi ngo-2012 .
Waqala ngawo u-2012 ukucosha amathumbu alahliwe, udadewabo waqala ngonyaka olandelayo naye eselahlekelwe umsebenzi.
Imali yesibonelelo sezingane ezintathu, ababeyihola inqamuke ngo-2012. Uthe kwashona ingane eyayiwele wangayiyisa emakhazeni, wayingcwaba egcekeni ngenxa yokuswela imali, wangasenza isitifiketi sokushona kwayo.
“KwaSassa bathi ngeke bakwazi ukuyikhipha kwikhompyutha uma ngingenaso isitifiketi sokushona bayivala impesheni yazo zonke izingane. Kusukela ngo-2012 angisaholi,” kusho yena.
Ezinye izingane ezimbili ezikadadewabo uNksz Nomvula Memela (26).
Imali yesibonelelo yezingane ezimbili zikaNksz Memela iyona eyondla umndeni.
“Inyama siyithenga uma kwenzekile kwakhona othole itoho. Amathumbu esiwacoshayo yiwona ayinyama yethu.”
UNkk Sibongile Hadebe (58) naye ocosha amathumbu kulo mgodi uthe akasebenzi. Unezingane ezine, ezimbili kuzo zihola isibonelelo sezingane.
“Amathumbu ayisishebo sokwengeza uma ngibona ukuthi asinayo into esizoyidla,” kusho uNksz Hadebe.
UMnuz Thulani Cebekhulu oyimenenja yepulazi uphike wama ngentaba ukuthi izimpaphe, amathumbu negazi kuchithwa kulo mgodi njalo. Wathi bekulahlwa ngoba bebenenkinga yokuthi inkampani elanda lo doti ibifelwe yimoto, okuholele ekutheni bambe umgodi. Uthe isimo sesibuyele kwesijwayelekile.
UCebekhulu uthe sekunohlelo lokuthi umphakathi uwathole esangweni amathumbu kodwa usalokhu ubuya, uzohlwaya emgodini.
UNkk Ann-Mcdonnell oyilunga le-DA ePhalamende osekomitini lezemvelo nokuthuthwa kwemfucuza, obevakashele kuleli pulazi ngoLwesihlanu, uthe kuyadabukisa ukuthi abantu babeka impilo yabo engcupheni ngokudla amathumbu alahlwa phezu kwegazi eselibolile.
“Siyakuqonda ukuthi abantu bahluphekile, imisebenzi ayikho kodwa ngeke sithi abayeke lokhu abakwenzayo.
Umnikazi wepulazi angakwazi ukuthi esikhundleni sokulahla amathumbu emgodini awafake ezitsheni. Sivumelene ngokuthi umphakathi ulethe amabhakede,” kusho yena.
UMnuz Vusimuzi Mahaye waKwaSassa uthe kuzophenywa ngodaba lwewele elashona.
“Kumele siphenye uma kunesigameko sengane ebihola isibonelelo okuthiwa ishonile kodwa isitifiketi asikho. Kuyenzeka ukuthi vele belingekho iwele kodwa lo obeliholela ubonile ukuthi usezobanjwa wase ethi lishonile,” kusho yena.
Unina wayengenawo umazisi nazo azinazo izitifiketi zokuzalwa.
UMnuz Cyril Mncwabe woMnyango wezaseKhaya uthe abahlala nalezi zingane abaye emahhovisi oMnyango wezaseKhaya, bachazelwe ukuthi kuzodingekani ukuze lezi zingane zithole izitifiketi.
UMnuz Bongani Tembe woMnyango wokuThuthukiswa koMnotho nezeMvelo KwaZulu-Natal uthe: “Sisazothumela ithimba longoti abazobheka ukuthi kwenzekani kuleli pulazi. Sizobambisana nophiko longoti bakwamasipala weTheku, ababheka ingozi edalwa ukunukubezeka kwezemvelo kubantu,” kusho yena.
UMnuz Khaye Nkwanyana woMnyango wezoLimo KwaZulu-Natal, uthe akanalo ulwazi ngamadela akule ndawo. Ngaphambi kokuthi aphawule ngokusebenza kwawo kuzoqale kuthunyelwe ithimba elizoya kobheka ukuthi asemthethweni yini.