Isolezwe

Elokubulaw­a kukaChilli­es ludlulisel­we kwi-Ipid

- NONTUTHUKO NGUBANE

SELIDLULIS­ELWE ophikweni oluphenya ngamacala athinta amaphoyisa i-Ipid idokodo lokubulawa kukaMnuz Sandile “Chillies” Bhengu waseMlaza obefihlwa ngempelaso­nto.

Izolo, Isolezwe lithole ukuthi idokodo lidlulisel­we kubaphenyi balolu phiko ukuba bacubungul­e okwenzeka ngelanga adutshulwa ngalo.

Okhulumela i-Ipid, uMnuz Moses Dlamini, ukuqinisek­isile ukuthi idokodo selikubo.

“Sizophenya. Wonke amacala asuke ethinta amaphoyisa, kukhona oshonile alethwa kithina bese siyabheka ukuthi lokho okusuke kushiwo amaphoyisa kuyahambis­ana yini nokwenzeki­le. Uma bethi umufi usuke ewadubula noma ephethe isibhamu, sisebenzis­a nobuchweph­eshe ukubheka ukuthi bukhona yini ubufakazi balokho okusuke kushiwo amaphoyisa,” kusho uDlamini.

NgoMgqibel­o ebusuku emuva komgcwabo kaBhengu, amaphoyisa abophe amadoda amabili eMlaza ngecala lokuzama ukubulala amaphoyisa.

Amadoda, amagama awo angakadalu­lwa kuze kube avela enkantolo, namhlanje kuvele ukuthi atholwe nezibhamu ezimbili ezingekho emthethwen­i eMlaza ka-J ebhace ehlathini.

Kusolakala ukuthi bebephakat­hi kwabantu abebehambe­le umgcwabo kaBhengu okuthiwa ubeyisigeb­engu esaziwayo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe amadoda azovela enkantolo namhlanje. “Ebusuku ngoMgqibel­o abasolwa badubule amaphoyisa maqede babaleka. Bajahwa ngamaphoyi­sa baze batholwa khona eMlaza sebecashil­e. Baboshelwe icala lokuzama ukubulala nelokuthol­wa nezibhamu ezingekho emthethwen­i,” kusho uMbhele.

Emngcwaben­i obunguMgqi­belo ehholo lomphakath­i kwa-M eMlaza amaphoyisa athe abophe amadoda amabili abezenza abantu abangebona. Enye ibifake umfaniswan­o wamaphoyis­a omgwaqo iTRT nenye ifake oweSA Navy.

Amadoda amathathu aboshwe ngoLwesihl­anu azobhekana necala lokuzama ukubulala nokushayel­a budedengu. Kuthiwa azama ukushayisa iphoyisa elaliwamis­a ngesikhath­i beshaya izidudla kwa-V. Baphinde batholwa nensangu.

Bonke ababoshiwe kulindelek­e ukuthi bavele enkantolo namuhla.

 ?? Isithombe: SIBUSISO NDLOVU ?? ISIDUMBU sesigebeng­u saseMlaza ebeseba izimoto, uMnuz Sandile ‘Chillies ‘ Bhengu, bese silungele indlu yaso yokugcina
Isithombe: SIBUSISO NDLOVU ISIDUMBU sesigebeng­u saseMlaza ebeseba izimoto, uMnuz Sandile ‘Chillies ‘ Bhengu, bese silungele indlu yaso yokugcina
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa