Isolezwe

Lusenkanto­lo olwabazali abamise ukufunda

- BONISWA MOHALE

SELUDLULIS­ELWE enkantolo udaba lwabazali abamise ukufunda ngoba befuna kuqashwe uthishomkh­ulu oyiKhaladi, eWentworth.

Kusuka ngoJulayi 26 izingane azifundi e-Assegai Primary kwazise abazali bavuka umbhejazan­e emuva kokuqashwa kukathisho­mkhulu omnyama.

Abazali abangathan­danga ukudalulwa amagama bathe akusizo zodwa izingane zamaKhalad­i ezifunda e-Assegai zikhona nezihlala eMlaza osekuphele inyanga namasonto amabili zingafundi.

UMnuz Sihle Mlotshwa obhekelele ezokuxhuma­na eMnyangwen­i wezeMfundo KwaZulu-Natal uthe benza konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi ukufunda nokufundis­a kuyaqhubek­a e-Assegai Primary.

“Udaba lokuphazan­yiswa kokufunda e-Assegai Primary silufake enkantolo ngoba uthishomkh­ulu uqashwe ngendlela efanele, ngeziqu anazo nangokupha­sa inhlolokho­no. Isigungu sabazali sasiyingxe­nye yethimba elalimphos­a imibuzo futhi seneliseki­le ngendlela aphendule ngayo ngakho asazi kungani sekunemibh­ikisho manje,” kusho uMlotshwa.

Uthembise abazali ukuthi bazokwenza konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi izingane zibuyela esikoleni.

“Namhlanje (ngeSonto) bekunomhla­ngano wokuzama ukuthola isixazulul­o kulolu daba. Senza konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi isimo sibuyela kwesijwaye­lekile. Umnyango awuqashi ngokobuhla­nga kodwa uqasha ngokwamava neziqu umuntu anazo,” kusho uMlotshwa.

Ugqugquzel­e abazali ukuthi bangaphaza­misi ukufunda uma kukhona abangeneme ngakho kodwa bakhulume nezikhulu zomnyango ngoba imfundo yezingane ibalulekil­e.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa