Isolezwe

Kushiswe amahhovisi ophiko lwamalayis­ensi

- PHILI MJOLI

KUSHISWE amahhovisi ophiko olikhipha amalayisen­si kwamasipal­a waKwaHlabi­sa, phakathi kwamabili, izolo.

Kuthiwa onogada abebeqaphi­le ebusuku bezwe kuphahlaze­ka ifastela kwathi besabheka ukuthi ngabe kwenzenjan­i babona sekugqamuk­a ilangabi lomlilo kwaqhuma nesibhamu.

Amadoda amabili abehlomile kuthiwa abaqhamuke­le ngemuva ababamba abavalela kwelinye igumbi elikuwo la mahhovisi abakhiyela.

UMnuz Velenkosin­i Hlabisa oyimeya kumasipala kwaHlabisa uthe basalinde ukuthi bathole umbiko ngokuthi kwenzekeni kulesi sikhungo.

Uthe batshelwe ukuthi kunamadoda amabili abambe onogada abavalela kwelinye igumbi ngemuva kokuthunge­la ngomlilo ihhovisi.

“Kusiphethe kabi ukuthi kunabantu abangashis­a amahhovisi asiza umphakathi. Lokhu kuzowiphin­disela ekuhluphek­eni kokuthi kulo masipala singabi nalo ihhovisi elikhipha amalayisen­si okushayela,” kusho yena.

Uqhube wathi umphakathi obunezinto okumele uzilande kuleli hhovisi ungakhatha­zeki ngoba ulwazi lugcinwa kumakhompy­utha.

“Uma sesithole umbiko ophelele, sizowazisa umphakathi ukuthi izinto zawo obuzozilan­da uzozithola kuphi futhi kuzothatha isikhathi esingakana­ni,” kusho yena.

Okhulumela uMnyango wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, uMnuz Kwanele Ncalane uthe bebengakaw­utholi umbiko ogcwele ngokwenzek­e kulesi sikhungo.

“Siyanxusa ukuthi uma kunomuntu onesikhalo ngokuthile ngalesi sikhungo kumele udaba lwakhe aluxazulul­e ngendlela eyiyo hhayi ukushisa isikhungo esisiza umphakathi wonke,” kusho yena.

UColonel Thembeka Mbhele okhulumela amaphoyisa ukuqinisek­isile ukuthi amahhovisi ashisiwe wathi kuphenywa icala lokucekela phansi impahla.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa