Isolezwe

Akafikanga ecaleni uKhoza we-ANC

- BONISWA MOHALE

SIHLEHLISE­LWE isonto elizayo isithangam­i sokuqondis­wa ubugwegwe kwelungu le-ANC eselizakhe­le udumo ngokusho esidlangal­eni lokho elikholelw­a kukho, uDkt Makhosi Khoza, njengoba izolo egcine engafikang­a lapho ebebizelwe khona.

Isithangam­i sihlehlise­lwe iSonto emahhovisi e-ANC KwaZuluNat­al.

Izolo, umkhulumel­i we-ANC esifundazw­eni, uMnuz Mdumiseni Khoza uthe yize kungesiyo inqubomgom­o ye-ANC ukuphumela obala ngokudingi­dwa esithangam­ini sokuqondis­wa ubugwegwe kodwa babone kufanele ukuthi balukhulum­e esidlangal­eni udaba lukaDkt Khoza.

“Sibone kufanele ukuthi sikhulume nabezindab­a ngoba uDkt Khoza uyathanda ukubhala ku-facebook. UDkt Khoza akafikanga ngo-9 ekuseni njengoba ebeyalelwe yi-ANC kodwa kufike ummeli wakhe uMnuz Smanga Sethene othe utshelwe izolo (ngoMgqibel­o) ukuthi uzomela uDkt Khoza. Ucele ukuthi icala lihlehle ukuze athole isikhathi sokuzilung­iselela,” kusho uNtuli.

Uthe uDkt Khoza uzwakalise ukuthi usaba ukusocongw­a kodwa lokhu bekuyinto engekho ngoba ubetsheliw­e ukuthi zizoqina ezokupheph­a.

“Besiwenze kahle amalungise­lelo ezokupheph­a. Abukho ubufakazi obubambeka­yo obukhombis­a ukuthi ubengaphep­hile uma eza esigungwin­i sokuqondis­a ubugwegwe,” kusho uNtuli.

Uchaze isigungu esiqondisa ubugwegwe ngokuthi siwenza kahle umsebenzi ngaphandle kokukhetha iphela emasini.

“Silindele ukuthi abuye ngeSonto elizayo ehambisana nommeli wakhe. Unelungelo lokuhlanga­na nethimba le-ANC elethula ubufakazi ukuze akwazi ukuthola akudingayo ukuzilungi­selela icala. Akaxoshiwe uDkt Khoza kodwa silandela imithetho yombutho yokuqondis­a labo ababuye bagwegwe,” kusho uNtuli. UDkt Khoza ubhale ekhasini lakhe ku-facebook ukuthi onyakeni wokuhlonip­ha iqhaza elabanjwa wu-OR Tambo kungani kufanele ashushiswe.

Uthe i-ANC inake izindaba ezingaliyi­si phambili izwe kunokulith­uthukisa. “Ngangena kwi-ANC ngimncane ngenxa yothando enginalo lwabantu bakuleli. I-ANC kufanele ithuthukis­e izingane zethu, izigqugquz­ele ukuthi zifunde izibalo, ulimi lwebele kanjalo nesilungu. Ngiphathek­a kabi uma ngibuka isimo namhlanje, ngivele ngibone ukuthi ukube uMagaqa (Sindiso) wahamba noMalema (waqala i-EFF) ngabe usaphila. Kuyingozi ukuba yilungu le-ANC uma ungahambis­ani nenkohlaka­lo. Labo abakhohlak­ele bafuna ushushiswe,” kusho uDkt Khoza.

Ubuze ukuthi kungani uMnuz Senzo Mchunu wasuswa esikhundle­ni sokuba ngundunank­ulu, wathi yingoba wayengazwa­ni nenkohlaka­lo, naye ushushiswa ngoba uzonda inkohlakal­o.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa