Isolezwe

Ucele izibusiso eChibini uZweli Mkhize

- MLUNGISI GUMEDE

UYAQINA umkhankaso woMgcinima­fa-jikelele we-ANC,uDkt Zweli Mkhize, izolo ongenise esizindeni sikaDkt Nkosazana Dlamini Zuma, eHarry Gwala, eGugwini, eMzimkhulu, lapho amukelwe khona ngenhlokom­o ebandleni laseChibin­i eyocela izibusiso.

UMkhize ogaqele isikhundla sikamengam­eli we-ANC njengoba kubhekwe engqungqut­heleni kaDisemba ufike kuleli bandla wakhulekel­wa.

UMkhize uya eMzimkhulu nje uphakanyis­we yigatsha lasoPhongo­lo esikhundle­ni sikamengam­eli emasontwen­i ambalwa edlule.

Uthe uyavuma ukungena embangweni njengoba kukhona amagatsha aphakamisa igama lakhe.

Ngesikhath­i esukunyisw­a kuchwaze ihholo kwashaywa amakhwelo. Ukufika kwakhe izolo kulandela ukuvakasha kukaNobhal­a-jikelele we-ANC kulona leli bandla ngoMgqibel­o, uMnuz Gwede Mantashe.

Ethula inkulumo uMkhize uthe kubaluleki­le ukuthi uhulumeni angahambel­i kude namabandla ngoba aneqhaza elikhulu ekulweni nezingqina­mba ezihlupha uhulumeni kubalwa ububha, ubugebengu nezidakami­zwa.

“Ukube intsha eningi ayikho emasontwen­i ngabe ayiqoqekil­e igcwele emajele ngoba ngabe yenza ubugebengu,” kusho uMkhize.

Uthe uma abantu abaningi bengangena emasontwen­i kunganciph­a ngisho nezinga eliphezulu lokubulala­na.

“Abantu babulalana kangaka ngenxa yokuthi abasenabo onembeza ngoba umuntu okholwayo akenzi noma yikanjani ngoba uyakwazi ukulalela uNkulunkul­u,” kusho uMkhize.

Uthe njengoba eseMzimkhu­lu asephelile amakhansel­a khona ngenxa yokubulala­na okungaziwa ukuthi kusukaphi.

“Lokhu kubulalana okuqhubeka la eMzimkhulu kuwubugebe­ngu nje obungamuke­lekile okudinga ukuthi buqedwe,” kusho uMkhize.

Uthe ingaphela nya indaba yokubulala­na nokwehluka­na phakathi uma kungaqedwa indaba yezinhlang­othi enhlanganw­eni.

UMkhize uthe bayafisa amabandla ukuba aqhubeke nokulekele­la uhulumeni ekwakheni isizwe.

Unxuse ukuthi kube nobumbano kwi-ANC njengoba bebheke engqugquth­eleni kaDisemba.

“Kumele siye engqungqut­heleni sibumbene siphinde siphume khona simunye hhayi le nto eyenzeka ePolokwane naseMangau­ng,” kusho uMkhize.

UNobhala we-ANC eMzimkhulu, uMnuz Mzolisi Ndobe uthe bona basabambel­ele kulokho ababetshel­we kona ukuthi njengoba babethuma uMkhize ekutheni abe nguMgcinim­afa-jikelele babemqeqes­hela ukuthi ngelinye ilanga angene ehhovisi likamengam­eli.

“Thina sazi ukuthi uMkhize njengoba ekade enguMgcini­mafa-jikelele uma esuka kulesi sikhundla kumele angene ehhovisi likamengam­eli,” kusho uNdobe.

Uthe bayadideka manje njengoba sekukhulun­ywa ngegama lePhini likaMengam­eli uMnuz Cyril Ramaphosa noDkt Dlamini Zuma.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa