Isolezwe

Uthembise ukubuyisel­a i-ANC kubantu

- BONISWA MOHALE

IPHINI likaMengam­eli uMnuz Cyril Ramaphosa lithe lizimisele ukwakha i-ANC engahambel­i kude kubantu futhi ebalalelay­o.

URamaphosa oseqhulwin­i kubantu abafuna ukungena esikhundle­ni sokwengame­la i-ANC uma uMengameli Jacob Zuma esethathe umhlalapha­nsi, ubeseNorth­ern Cape izolo eyokhankas­a.

Uthe njengoba bethi bakulungel­e ukuhola i-ANC bazimisele ukubumba le nhlangano nokulalela izimfuno zabantu.

Uqale esontweni wathi ucela isibusiso sokuthi i-ANC ihlangane ukuze iqhubeke nokuthuthu­kisa izwe.

“Ngiyazi ukuthi kulesi sifundazwe niyathanda ukuthi i-ANC ibumbane yingakho sizokwenza isiqinisek­o sokuthi i-ANC ayihambeli kude nabantu futhi iyabalalel­a. Sizophinde siqiniseki­se ukuthi izinkampan­i zikahulume­ni zenza inzuzo ngokuthi zisebenze kahle,” kusho uRamaphosa.

Uvumile ukuthi izinkampan­i zikahulume­ni zisetshenz­iswa ngabathile ukufeza izinhloso zabo wathi kufanele abatholwa benecala lokweba imali kulezi zinkampani bayibuyise.

Uthe osozimboni abamnyama bazoba khona uma abantu benomhlaba futhi nezinkampa­ni zikahulume­ni zihlomulis­a wonke umuntu hhayi idlanzana.

Uveze nokuthi bayaweseka umzabalazo wokuthi imfundo ibe mahhala ngoba iyona ekwazi ukugqashul­a amaketango enhlupheko.

“Sifuna intsha yethu engaphezu kuka-1 million isebenze futhi ifunde mahhala ukuze ibe namakhono adingekayo ukuthuthuk­isa izwe lethu. Ayiyinhle le nto yokuthi izingane zihlale emakhaya,” kusho uRamaphosa.

Ubonge nowayenguN­dunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Senzo Mchunu ngokuza emcimbini waseKimber­ly wathi kudingeka abaholi abafana noMchunu ukuze izwe liye phambili.

Khonamanja­lo, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma ubeseNyang­a, eCape Town, emcimbini we-ANCYL kanti naye ushumayele ivangeli lobumbano. Uthe uma sekungenel­wa ukhetho lokuhola i-ANC abahlulway­o akufanele badube kodwa kufanele basebenze nabanqobil­e ukuze kwakhiwe iNingizimu Afrika engcono.

Udonse ngendlebe intsha ukuthi isebenzele ukuthuthuk­isa izwe, ifunde futhi ilwe nezidakami­zwa, utshwala nokukhulel­wa.

Uthe uzosebenza kanzima ukuqeda ububha alethe nezinsiza ezizothuth­ukisa amakhono entsha ezifana noswimming pool ukuze kube nababhukud­i abamnyama.

 ?? Isithombe: ITUMELENG ENGLISH ?? UNOBHALA Jikelele we-SACP, uDkt Blade Nzimande, uthi bazolimela iqiniso noma besatshisw­a ngokuxoshw­a
Isithombe: ITUMELENG ENGLISH UNOBHALA Jikelele we-SACP, uDkt Blade Nzimande, uthi bazolimela iqiniso noma besatshisw­a ngokuxoshw­a
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa