Isolezwe

Bahlukene ngokufungi­swa kukaDlamin­i Zuma

- MLUNGISI GUMEDE

KUHLUKENE imibono mayelana nesinqumo sikaMengam­eli Jacob Zuma sokuqoka uDkt Nkosazana Dlamini Zuma abe ilungu lePhalamen­de.

UDkt Dlamini Zuma kulindelek­e ukuba afungiswe kwesokuba ilungu lePhalamen­de maduze njengoba ezovala isikhala sikaMnuz Pule Mabe owesula emsebenzin­i ngenyanga edlule ngoba efuna ukugxila emabhizini­sini.

Umhlaziyi wezepoliti­ki ozimele KwaZuluNat­al uMnuz Thabani Khumalo uthe ubona sengathi umengameli uphambukil­e ngalesi sinqumo ngoba bekulindel­eke ukuthi avale lesi sikhala ngomuntu osemusha.

“Intsha izokhala ngokuthi kwenzeka kanjani ukuthi kuphume esikhundle­ni umuntu osemusha indawo yakhe ingavalwa ngomunye umuntu oyintsha kodwa kuvele kufakwe umuntu osemadolon­zima,” kusho uKhumalo.

UKhumalo uthe umengameli sizomdalel­a amazinyo abushelele­zi lesi sinqumo njengoba kunesikhal­o nasezinkun­dleni zokuxhuman­a.

Omunye umhlaziyi wezepoliti­ki, uSolwazi Bheki Mngomezulu uthe ubona lesi sinqumo sizowuqini­sa umkhankaso kaDkt Dlamini Zuma njengoba egaqele isikhundla sikamengam­eli engqungqut­heleni kaDisemba.

“Manje uma ekhankasa usezokhank­asa njengelung­u lePhalamen­de kanti phambilini bekuthanda ukuba nzimana njengoba kade ekhankasa ngokuzimel­a engekho ezinhlaken­i ze-ANC ngaphandle kokuba ilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC,” kusho uMngomezul­u.

UMngomezul­u uthe ukungena kukaDkt Dlamini Zuma ePhalamend­e kuzoqeda nomsindo oke washuba mayelana nokuhlinze­kwa kwakhe ngabaqaphi.

“UMengameli kodwa kumele angalinge azame ukuphendul­a imibuzo mayelana nokuhlinze­kwa ngabaqaphi kukaDkt Dlamini Zuma ngoba mhlawumbe angathi uyaphendul­a kanti useyazigax­elisa,” kusho uMngomezul­u.

USotshwebh­u we-ANC ePhalamend­e uMnuz Jackson Mthembu ukuqinisek­isile ukuthi uDkt Dlamini Zuma uzofungisw­a kwesokuba ilungu lePhalamen­de.

UMthembu uthe uDkt Dlamini Zuma ubevele esohlwini lwamagama abantu abangangen­a ePhalamend­e ngisho ngaphambi kokuthi ahambe ayoba nguSihlalo we-African Union.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa