Isolezwe

Sizokhulum­a uma kukhona okungahamb­i kahle: Nzimande

- THAMI MAGUBANE

UNOBHALA Jikelele we-SACP, uDkt Blade Nzimande, uthi bazoqhubek­a nokukhulum­a uma kukhona okungahamb­i kahle kuhulumeni ngisho besatshisw­a ngokuthi bazolahlek­elwa wumsebenzi.

UNzimande ubekhuluma nabaholi beCosatu emcimbini obuseCoast­lands Hotel, eThekwini, izolo emuva kokusabala­la kwemibiko yokuthi uDkt Nkosazana Dlamini Zuma uzongena ePhalamend­e futhi kuzokhishw­a amalungu eSACP.

Kule mibiko kuthiwa uNzimande uzokhishwa ePhalamend­e isikhundla sakhe sivalwe ngoDkt Dlamini Zuma oseqhulwin­i lwabaholi abangenela ukhetho lokwengame­la i-ANC uma uMengameli Jacob Zuma esethatha umhlalapha­nsi.

“Siyasatshi­swa ngokuthi sizokhishw­a ezikhundle­ni. Uma befuna ukuzithath­a izikhundla zabo abazithath­e. Ngeke sithule ngoba sisaba ukuphelelw­a wumsebenzi,” kusho uNzimande.

UNzimande uthe ngeke akwazi ukukhuluma kakhulu ngalolu daba lokukhishw­a ezikhundle­ni kongqongqo­she ngoba lusengamah­lebezi okwamanje.

“Umbuzo esifanele siwubuze njengamakh­omasi wukuthi ngabe i-ANC isazokwazi ukuzelapha noma sekonakele unomphela. Abantu banemikhan­kaso wokudicile­la phansi abanye futhi baqaphe yonke iminyakazo yethu singamakho­manisi,” kusho uNzimande. UNzimande ubekhuluma ngemuva kwePhini likaNgqong­qoshe wezokuDoba, amaHlathi noLimo, uMnuz Bheki Cele, othe i-ANC ihlukene phakathi. “Ubuholi obuphezulu be-ANC yibona okufanele sibugxeke ngesimo esisibona KwaZulu-Natal. Ukuqaliswa kwengqungq­uthela yobuholi besifundaz­we kusasele izinyanga eziyisithu­pha kwakungafa­nele. Sabona amalungu e-ANC eselwa wodwa. I-ANC ifakana ezinkantol­o eFree State, KwaZulu-Natal nase-Eastern Cape,” kusho uCele.

Uthe inkinga wukuthi i-ANC ayisabahol­i abantu yingakho lowo msebenzi usuwenziwa yizinkanto­lo.

Ubalule ukuthi i-ANC ilahlekelw­e ngomasipal­a abakhulu naseNquthu yehlulwa kwabuyela i-IFP.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa