Isolezwe

ISilo sigxeke uKhozi FM ngokufa kolimi

- KHETHA SANGWENI

ISILO samabandla uZwelithin­i kaBhekuzul­u sigxeka umsakazo uKhozi FM ngokubulal­a ulimi lwesiZulu esikhundle­ni sokulugcin­a nokuluvike­la.

Imbube ikusho lokhu ngesikhath­i ikhuluma esigodlwen­i sayo Enyokeni, KwaNongoma, ngoMqgibel­o.

Sikhale ngokuthi uKhozi alukunakil­e ukuthi luhlalelwe umsebenzi wokufundis­a abantu kabanzi ngolimi lwabo ngoba luyigugu lesizwe Sithe lesi siteshi simenzela phansi uZulu. “Ngabona ngokuthi bashintshe igama elinoZulu bethi bawuKhozi. Bavele basiqamba ngenyoni nje, sekuyacaca ukuthi babeqonde khona ukubulala ulimi.’’

IMbube ithi leli gama lenyoni ayazi ukuthi lichaza ukuthini kulo msakazo ongeminye yemisakazo emidala nolalelwa kakhulu kwelengaba­di.

Ithe ulimi lwebele lubhedwa mihla namalanga emsakazwen­i kodwa yiwona omkhulukaz­i kuleli yathi lokho kuyihlazo.

Ukusetshen­ziswa budedengu kolimi emsakazwen­i iSilo sithu kunomthele­la omubi ngoba isizwe sibukela kuwona, lokhu kuchaza ukuthi uZulu wonke ungena ehlathini.

“Ulimi lwenu luthandwa ngisho phesheya njengoba nibabona abasuka khona bayazihlup­ha ngokulufun­da sebazi ngisho amaculo esiZulu. Lesi sizwe sidumile,’’ kusho Isilo.

Besikhulum­a ngeqembu lezintokaz­i zaphesheya ezicula ngesiZulu, ezicule kwachazeka inqwaba. UNdunankul­u kaZulu, uDkt Mangosuthu Buthelezi ubonakale emamatheka eshaya ihlombe ebonakala sengathi uchazekile.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa