Isolezwe

Luncome amaBhunu lucela ukuphatha

- KHETHA SANGWENI EKwaNongom­a

ISILO samabandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzul­u sicela ukuthi sinikwe ithuba lokuphatha uhulumeni KwaZulu-Natal iminyaka emithathu ukuze siqondise konke okungahamb­i kahle.

UHlanga Lomhlabath­i lukhulume eMkhosini woMhlanga esigodlwen­i, Enyokeni KwaNongoma, ngoMgqibel­o.

Luthe kuningi okungahamb­i kahle olufisa ukuzibambe­la kona ukuze kuqonde.

“Kubuhlungu ukuphathwa ube uphethe, namanje ngisasho nginikeni iminyaka emithathu bese ninginika imali. Ngimfunge uMamonga kungaqonda kuthi ngqo,” kusho Imbube ifunga Isilo uDinuzulu kaCetshway­o.

ISilo sikhale ngezinking­a eziningi ezikhunget­he isifundazw­e nezwe lonke sathi uhulumeni wehlulekil­e ukuphatha ngendlela wedlulwa uhulumeni wamabhunu.

“Ayelipheth­e izwe amabhunu, ayenamaqhi­nga nakuba ayesicinde­zele kodwa aliphatha kahle. Kusafanele nixhumane nawo anihabulis­e ngoba ayikho le nto’’ kusho iSilo ebesikhulu­ma sithethe siyaluze phambi kwezethame­li.

Sikhwele sadilika kubaholi besifundaz­we sibasola ngokumosha isikhathi nemali ngekhomish­ini kaMoerane ephenya ngokubulaw­a kosopoliti­ki. Le khomishini isungulwe uNdunankul­u wesifundaz­we uMnuz Willies Mchunu njengoba osopolitik­i ikakhuluka­zi abe-ANC beqothwa ngenhlamvu kulesi sifundazwe.

“Bahlala bebulawa abantu anikaze nasungula ikhomishin­i, sekuthi ngoba kufa osopolitik­i senigijima nisungula amakhomish­ini. Siluthelwa­ni ngempela, kudlalelwa­ni ngathi?”

Sikhale ngokuthi laba baholi besifundaz­we bahlala begadwe ubusuku nemini kodwa abantu bayabulawa abagadwe muntu. Imbube ilibeke ngembaba elokuthi iwumbhedo indaba yamakhomis­hini ngeke isize ngalutho kodwa abantu okufanele bakhulume nombeza babo.

“Kubuhlungu uma ngibona kuchitheka igazi kangaka ezweni. IGlebeland­s inehlule, abantu bafa usuku nosuku, kugobhoza igazi yonke indawo”.

UMkhosi woMhlanga ubunenqwab­a yabantu kukhona nabapheshe­ya kwezilwand­le, nabavela ebukhosini baseSwazin­iland.

Phakathi kosopoliti­ki abebekhona uDkt Zweli Mkhize ongumgcini­mafa we-ANC kuzwelonke, uNksz Bathabile Dlamini ongqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMphakath­i kuzwelonke nabanye.

 ?? Isithombe: SIBONELO NGCOBO ?? ISILO samaBandla uGoodwill Zwelithini ngesikhath­i sethula inkulumo eMkhosini woMhlanga ngempelaso­nto
Isithombe: SIBONELO NGCOBO ISILO samaBandla uGoodwill Zwelithini ngesikhath­i sethula inkulumo eMkhosini woMhlanga ngempelaso­nto
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa