‘Ikhansela belidinga ukuvikelwa’
USOLA i-ANC umndeni wekhansela elibulewe ngokungalivikeli yize belizingelwa ngenxa yomsebenzi walo.
Umndeni kaMnuz Kwazikwakhe Everlasting Mkhize (35) uveze lokhu enkonzweni yomngcwabo wakhe ebiseMasangweni Sport Ground eMkhambathini, ngoMgqibelo.
Obekhulumela umndeni uNkk TF Mkhize uthe umufi wayesephila okwenyamazane ngenxa yokuzingelwa yizitha.
“Sikhathazekile ngoba i-ANC bekumele ihlinzeke lo mntwana (Mkhize) ngonogada kodwa ayizange yenze lutho waze wagcina eselele, eseshonile. Besazi ukuthi uzobulawa ngoba ubezingelwa, ethukwa futhi esatshiswa ngenxa yomsebenzi wakhe. Kwabhalwa nezincwadi zayiswa eMgungundlovu, efuna ukuvikelwa kodwa akwenzekanga,” kusho uNkk Mkhize.
Kuqhume isililo etendeni ebeligcwele abantu abebezovalelisa ngesikhathi echaza indlela uMkhize abulawa ngayo.
“Okubuhlungu kakhulu safica isidumbu salo mntwana (Mkhize) silele sodwa ehholo lomphakathi kodwa kunabantu, amadoda namakhosikazi egcwele ihholo, kungekho noyedwa ofuna ukusondela kuye. Wayelele yedwa njengenja,” kusho uNkk Mkhize.
Umndeni kaMkhize wonke ubuvumelana ngazwi linye ngokuthi umufi wayekhaliphile futhi ewusebenzela umphakathi.
Uthe kukhona ababelibeka ngembaba ukuthi ngeke aqede izinyanga ezintathu noma unyaka eyikhansela. UMkhize wavotelwa ngo-Agasti nyakenye njengoba ebulewe ngawo u-Agasti nonyaka ephuma emhlanganweni we-ANC.
Udadewabo, uNksz Nomathemba Bhengu, uthe umfowabo ubemondla yize ebesehlala emzini wakhe.
UMnuz Meshack Radebe, oyiphini likaSomlomo kwisiShayamthetho esifundazweni, uthe abantu ababulala i-ANC yilabo abangena kwinhlangano ngo-7 ekuseni kuthi ngo-9 sebeqokelwe isikhundla esikhulu ekubeni bengenalo ulwazi ngenhlangano.
“Into esikhathaza kakhulu ngale ndawo yaseMkhambathini ukubulawa kwamakhansela, ukubulawa kwezinduna kodwa kungaboshwa muntu. Sifuna kuphele lokhu,” kusho uRadebe.
Ingoduso kamufi uNksz Zandile Ndlovu ubhale incwadi efundwe udadewabo uNksz Anele Ndlovu.
Incwadi ibifundeka kanjena: “Besihlele ukushada ngoDisemba nonyaka kodwa akusenzekanga ngenxa yombulali. Ngiyakwesaba mbulali, izinyembezi zami ezigobhozayo ngiyathemba ngelinye ilanga kuyoba umfula oyobhukuda kuwo.”
Indodakazi kamufi uPeggy Mkhize ithe bebenezinhlelo eziningi noyise njengoba ifunda umatric nonyaka.
UMnuz Kwazi Mshengu, usihlalo we-ANCYL esifundazweni, uthembise ukuthi izingane zikamufi bazozinakekela baqinisekise ukuthi zithola imfundo.
UMshengu uthe akwamukelekile ukubulawa kwabaholi wathi amaphoyisa kumele asebenzisana nomphakathi ukuze kuboshwe umsolwa ngokushesha.