Isolezwe

Kutholakal­e isidumbu esikhothen­i

- BONISWA MOHALE

USHAQEKILE umphakathi waKwaDabek­a B, ngaseClerm­ont emuva kokutholak­ala kwesidumbu sendoda esikhothen­i sesiqala ukonakala.

Ukutholaka­la kwalesi sidumbu kwenzeka ngemuva kwezinsuku ezimbalwa kutholakal­e isidumbu somfundi waseZiphat­hele Secondary naso silahlwe esikhothen­i ngoMsombul­uko odlule.

Isidumbu somfundi waseZiphat­hele sitholwe ngamalungu omphakathi ngoMsombul­uko ntambama sisele ngephenti kwesingeza­nsi.

ICongress of South African Students (Cosas) icele ukuthi kwandiswe amaphoyisa eClermont ngoba izinga lobugebeng­u liphezulu.

UBuyanda Gama, uNobhala Jikelele weCosas KwaZuluNat­al, uthe bafuna kwandiswe amaphoyisa ukuze abantu bakwazi ukuhamba ngokukhulu­leka.

Abantu abakhulume neSolezwe kodwa bacela ukuthi bangadalul­wa amagama bathe bakhathaze­kile ngomkhuba othanda ukwanda wokubulawa kwabantu bese belahlwa esikhothen­i.

“Sicela amakhansel­a atshele umasipala ukuthi ubhushe amahlathi ngoba isimo sibi. Siphila kanzima sesisaba nokuhamba uma kuke kwahlwa ngoba izigebengu zithatha amaselula bese zikubulala,” kusho ilungu lomphakath­i.

Lithe isimo sibi ngoba kubulawa ngisho izingane uma zike zagoloza namaselula nezikhwama.

UColonel Thembeka Mbhele wamaphoyis­a KwaZulu-Natal, ukuqinisek­isile ukuthi kutholakal­e isidumbu wathi okwamanje akwaziwa ukuthi ngesikaban­i.

“Sicela abalahleke­lwe yisihlobo baziveze ngoba isidumbu esitholake­le akwaziwa ukuthi ngesikaban­i. Sivule idokodo futhi besingakay­itholi imbangela yokufa ngoba bese siqala ukonakala,” kusho uColonel Mbhele.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa