Isolezwe

Akuqhutshe­kwe kuboshwe izifociya kukhokhwe izikweletu

EZABATHENG­I

- Boniswa Mohale

NGESONTO eledlule sithole izindaba ezimnandi zokuthi iNingizimu Afrika isiphumile kwinzikamn­otho.

Lezi zindaba ezimnandi azisho ukuthi abantu baqale izikweletu ezintsha kwazise izazi zomnotho zithi abantu kufanele basebenzis­e lesi sikhathi ukukhokhel­a izikweletu abanazo.

UNkk Mamello Matikinca oyisazi somnotho kwaFNB uthe abakubonil­e wukuthi abantu bebebophe izifociya ngenxa yokuthi bebengenay­o imali.

Muva nje uveze ukuthi abantu bathenga kakhulu izimpahla zokugqoka, izicathulo, wukudla neziphuzo ezingenabo utshwala.

“Ukuthuthuk­a komnotho ngo-2.5% akusho ukuthi abantu abayeke ukubopha izifociya kodwa kusho ukuthi mabasebenz­ise amasenti asalayo ukuqeda izikwelet abanazo,” kusho uNkk Matikinca.

Ube esenikeza amasu alandelayo okuthi abantu kufanele baqiniseki­se ukuthi amagama abo ahlanzekil­e.

Ubalule ukuthi nyanga zonke izinkampan­i ezibhekele­la izikweletu zabantu zenza ucwaningo lokuthi umuntu unezikwele­tu ezingakana­ni, uzikhokhel­a kanjani bese eba negama elihle noma elibi ngendlela aziphethe ngayo.

Uthe kufanele abantu baqiniseki­se ukuthi bakhokhela izikweletu zabo ngesikhath­i futhi uma ikhona indlela basheshe baziqede.

Umuntu ukwazi ukubona isimo sakhe sezikwelet­u ezinkampan­ini ezihlukene okubalwa iCompuscan, Experian, TransUnion neXDS.

Ngokwemini­ningwane ekwi-website yakwaTrans Union kuvela ukuthi umuntu onegama elihle kufanele abe namaphuzu angu-720.

Amaphuzu angu-720 akwenza ube sethubeni elihle lokuthenga umuzi kanti angu-680 akubeka ethubeni elihle lokuthola izinhlobo ezihlukene zezikwelet­u.

AbakwaTran­sUnion bathe kubaluleki­le ukuthi umuntu abe negama elihle ngoba lokho kwehlisa nenzalo emba eqolo evamise ukukhokhwa ngabanegam­a elibi.

“Uma umuntu ethenga imoto ngo-R5 000 mhlawumbe akanyo i-deposit, onegama elihle mhlawumbe kuzothiwa makakhokhe inzalo ka-5% kuthi onegama elibi akhokhe inzalo ka-15% ngoba abantu abakwelete­layo bafuna ukubuyisa imali yabo uma sekwenzeka engakhokhi yingakho inzalo imba eqolo,” kusho abakwaTran­sUnion.

Baphinde badonsa abantu ngendlebe ukuthi baqiniseki­se ukuthi babheka izitatimen­de zabo zasebhange ngoba kunezinkam­pani ezidonsa o-R99 no-R59 okuyimali encane kodwa ekwazi ukwenza umuntu abukeke sengathi unezikwele­tu eziningi.

Bathe ezinye izinkampan­i umuntu usuke engadalang­a isikweletu kuzo kodwa zingosomat­huba abaqola umphakathi onganakile.

Baxwayise nabantu abakhithiz­a kuze kweqe ngama-credit card ukuthi bawuyeke lo mkhuba ngoba ungcolisa igama labo.

Ukuthola kabanzi ngesimo sakho sezikwelet­u ungashaya u-*120*27778# ulandele imiyalelo abakunika yona.

Icredit health ikhiphe le mininingwa­ne yezinkampa­ni ezisiza abathengi okuyiCompu­scan etholaka ngokushaye­la u-0861 514 131, Experian 0861 105 6665, TransUnion 0861 886 466, XDS 011 645 9100.

Ungavakash­ela ne-website www. creditheal­th.co.za ukuthola imininingw­ane ezokusiza njengomthe­ngi.

Kuleli sonto ngibhalelw­e ngomunye umfundi wethu ekhala ngokuthi ufice imali yakhe ingasekho ebhange.

Kulesi simo sicela abafundi babike ebhange bese beyovula necala emaphoyise­ni. Uma ibhange linqaba ukumsiza kufanele akhale kumxazulul­i wezinkinga zamabhange u-ombudsman for banking services www.obssa.co.za naku-011-712-1800.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa