Isolezwe

Kusazodons­iswana ngokuphind­wa koweBafana

-

KUBUKEKA kusazoba khona ukudonsisa­na mayelana nomdlalo weNingizim­u Afrika neSenegal iFifa ethi ungase uphindwe ngoNovemba.

Lo mdlalo wokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba ka-2018 eRussia, wadlalelwa eNingizimu Afrika nyakenye kwawina iBafana Bafana ngo-2-1. Nokho kwaba nezidubedu­be ezibandaka­nya nephenathi engacacile eyanikwa iBafana, okwaholela ekutheni kuxoshwe unompempe owayewuphe­the uJoseph Lamptey.

Ngeledlule iFifa iyalele ukuthi umdlalo uphindwe ngoNovemba ngoba indlela owaphathwa ngayo ayihambisa­ni nayo. Lokhu kuchaza ukuthi iNingizimu Afrika isiyibambe emsileni ngephuzu ngemuva kwemidlalo emithathu yokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba (uma ungabalwa oweSenegal) kuGroup D. ISouth African Football Associatio­n (Safa) ithi ngeke isamukele isinqumo sokuphinda umdlalo.

NeBurkina Faso izwakalise ukungenami ngokuthi iSenegal izonikwa elinye ithuba. Phela iBurkina Faso iyona ezihola phambili ngamaphuzu ayisithuph­a yingakho ikhala kakhulu ngokuphind­wa komdlalo. Uma iSenegal ingawina ingazithol­a isesicongw­eni ngamaphuzu ayisishiya­galombili.

IFifa, njengenhla­ngano ephethe ibhola emhlabeni, kumele iziqaphele izimo ezisusa umsindo njengalesi sokuphindw­a komdlalo weBafana neSenegal. Abaningi babuza ukuthi kungani umdlalo kumele uphindwe uma kuyiphutha likanompem­pe eliholele kulo mphumela owinise iNingizimu Afrika? Nayo iFifa ikubeke kwacaca ukuthi iNingizimu Afrika neSenegal bamsulwa kulolu daba kodwa kwaba wubudedeng­u bukanompem­pe.

Kuyaziwa ukuthi ngokushint­sha kwezikhath­i le nhlangano yebhola (iFifa) inemvume yokushints­ha imithetho yayo ukuze kungabi khona ukwenzelel­a emiqhudelw­aneni engaphansi kwayo. Nokho abaningi bavele bakhumbula indaba kaDiego Maradona wase-Argentina noThiery Henry waseFrance, abashaya amagoli ngezandla kodwa imidlalo yangaphind­wa. Uma iFifa isifuna ukulandela umthetho wokuthi imidlalo izophindwa uma unompempe enze iphutha, kusho ukuthi miningi impela ezobuyela enkundleni ingakaphel­i imidlalo yokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba ka-2018.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa