Isolezwe

Isibhedlel­a eMnambithi siyefana nesingekho

-

MHLELI: Ake ngigalele ngokukhulu ukungachem­i kanye nokwenzele­la. Ngizwakali­sa isikhalo sami ngodaba lesi bhedlela esikwaZulu-Natal eMnambithi esibizwa ngeProvinc­ial Hospital.

Izinga lokuzimise­la konesi bakhona liphansi kakhulu kanti namambawu izinga lawo liphezulu bese kuholela ekutheni bengawenzi umsebenzi wabo njengoba baqashelwa ukuba bawenze. Ukunikezwa kwephilisi ipanado akusho ukuthi sengizophi­la kodwa uma ngabe ngizothi ngizofuna usizo bese ungithethi­sa ekugcineni ungidedele ngihambe ngiye ekhaya ngingaluth­olanga usizo lokho kukodwa nje kuyakhalis­a.

Angisho ukuthi bonke banjalo kodwa iningi labo liyabheda. Ngakhoke nginesicel­o sokuthi uMnyango wezeMpilo ake usukume uphenye ngalesi sibhedlela ngoba asiwusizi ngalutho umphakathi.

Angisho ukuthi bengakuvim­ba ukufa komuntu kodwa ubudedengu babo onesi yibona obenza abantu baphelelwe wunembeza wokuphila. Ngikhuluma nje ngakithi kusanda kushona ababili eSahlumbe kuso lesi sibhedlela kanti amanye amalungu omphakathi angeniswe ngemuva kwengozi yetekisi ebithwele abagibeli eginqike kwenye yezindawo ezakhele uMnambithi kushone umuntu oyedwa abanye balimala.

Akade belethwe ngamaambul­ance bafike badedelwa bengenziwe lutho bahamba baya emakhaya. Imindeni yabo ithi abanye babo bakhala ngezinhlun­gu eziqaqamba­yo kodwa onesi kabanaso isineke sabo. UNgqongqos­he wezempilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, (osesithomb­eni) ake asukume ephenye kabanzi ngalesi sibhedlela esesikhali­se umphakathi ngoba akekho ongalashwa yisidakwa kanye nomuntu ongenalo uzwelo. Okhathazek­ile ESAHLUMBE

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa