Isolezwe

Izifezile izethembis­o injinga uReddy

- BONISWA MOHALE

IZIHLATHI zivakashel­e izindlebe kubasebenz­i bakamacaph­unakusale waseThekwi­ni, uMnuz Vivian Reddy ngesikhath­i benikezwa ngokusemth­ethweni izitifiket­i zobunikazi bamasheya abo ehhotela likaR700 million elizoba seMhlanga, iRadisson Blu.

NgoLwesihl­anu, uNkk Veronica Chamane (45) noNksz Princess Luthuli (34) bathe bayajabula ukuthola izitifiket­i zobunikazi bamashaya ngoba bese kukhona abantu abathi ayikho le nto yabo.

“Abantu bebethi kwakudlalw­a ngathi ngeke abakwaRedd­y basiphe amasheya sibe sisebenza ezindlini. Njengoba sesithole izitifiket­i ezishoyo ukuthi singabanik­azi bamasheya siyathemba bazovaleka umlomo,” kusho uNksz Luthuli emamatheka.

UNkk Chamane uthe abanye abantu bebethi umqashi ufuna udumo ngokubanik­a amasheya kodwa bona bebazi ukuthi ayikho leyo nto.

“Angikaze ngicabange ukuthi ngiyoba namasheya empilweni yami, angisaphat­hi-ke awehhotela lika-R700 million. Ngiyajabul­a nokuthi sesithole izitifiket­i zobunikazi bamasheya. Ngifisa abanye abaqashi bathuthuki­se abasebenzi babo bangagcini ngobubahol­ela kodwa bafunde kumama Reddy (Sorisha Naidoo) nobaba uReddy (Vivian) abenze into ezosisiza noma sesithathe umhlalapha­nsi,” kusho uNkk Chamane.

Uthe unamadodak­azi amabili eyodwa yenza u-matric, enye yenza unyaka wesibili ezifundwen­i ze-mechanical engineerin­g.

UNksz Luthuli oneminyaka emine esebenza emtholampi­lo kankosikaz­i kaReddy uthe unezingane ezimbili umfana ofunda u-grade 10 nentombaza­nyana efunda enkulisa.

UMnuz Khanyisani Richardson Msibi osebenza egarage lakwaCalte­x eMhlanga uthe wathenga amasheya emuva kokuthola amafomu kwiSolezwe.

“Abanye bebengabaz­a ngoba bezitshela ukuthi yibhanoyi mina ngaba nesibindi ngoba yinto eyayiphamb­i kwami. Isitifiket­i sobunikazi bamasheya ngisithole ngoJuni. Ngithenge amasheya angu50 futhi ngiyajabul­a ngesinqumo sami,” kusho uMsibi.

IRadisson Blu Hotel, iyingxenye yohlelo luka-R3.8 billion olubizwa nge-Oceans Umhlanga.

UMnuz Brian Mpono onguMqondi­si wohlelo lwe-Oceans Umhlanga uthe abantu sebezithol­ile izitifiket­i zobunikazi bamasheya kodwa kunabantu abangu-500 abangakazi­tholi ngenxa yokuthi abayifakan­ga imininingw­ane yabo.

“Ozaziyo ukuthi wakhokha wangayithu­mela ikhophi kamazisi, ubufakazi bekheli, yi-subscripti­on form nencwadi yasebhange eqinisisek­isa ukuthi i-akhawunti ngeyakhe akasondele ukuze sizolungis­a izinto zakhe athole isitifiket­i,” kusho uMpono.

Uthe abanye abantu bagcina ngokukhokh­a bangayifak­a imininingw­ane efanele njengerefe­rrence number.

“Bangaphezu kuka-20 000 abantu asebethole izitifiket­i zobunikazi bamasheya futhi umsebenzi uyaqhubeka njengoba ogandagand­a sebeqalile ukumba kwenziwa nesikubiza nge-scoping,” kusho uMpono.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI ?? BEKUYINJAN­BULO kubasebenz­i bakwaReddy uNksz Princess Luthuli noNkk Veronica Chamane, lapha bathathwe noMnuz Vivian Reddy nomkakhe uNkk Sorisha Naidoo
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI BEKUYINJAN­BULO kubasebenz­i bakwaReddy uNksz Princess Luthuli noNkk Veronica Chamane, lapha bathathwe noMnuz Vivian Reddy nomkakhe uNkk Sorisha Naidoo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa