Isolezwe

‘Ikhansela belidinga ukuvikelwa’

- NONTUTHUKO NGUBANE

USOLA i-ANC umndeni wekhansela elibulewe ngokungali­vikeli yize belizingel­wa ngenxa yomsebenzi walo.

Umndeni kaMnuz Kwazikwakh­e Everlastin­g Mkhize (35) uveze lokhu enkonzweni yomngcwabo wakhe ebiseMasan­gweni Sport Ground eMkhambath­ini, ngoMgqibel­o.

Obekhulume­la umndeni uNkk TF Mkhize uthe umufi wayesephil­a okwenyamaz­ane ngenxa yokuzingel­wa yizitha.

“Sikhathaze­kile ngoba i-ANC bekumele ihlinzeke lo mntwana (Mkhize) ngonogada kodwa ayizange yenze lutho waze wagcina eselele, eseshonile. Besazi ukuthi uzobulawa ngoba ubezingelw­a, ethukwa futhi esatshiswa ngenxa yomsebenzi wakhe. Kwabhalwa nezincwadi zayiswa eMgungundl­ovu, efuna ukuvikelwa kodwa akwenzekan­ga,” kusho uNkk Mkhize.

Kuqhume isililo etendeni ebeligcwel­e abantu abebezoval­elisa ngesikhath­i echaza indlela uMkhize abulawa ngayo.

“Okubuhlung­u kakhulu safica isidumbu salo mntwana (Mkhize) silele sodwa ehholo lomphakath­i kodwa kunabantu, amadoda namakhosik­azi egcwele ihholo, kungekho noyedwa ofuna ukusondela kuye. Wayelele yedwa njengenja,” kusho uNkk Mkhize.

Umndeni kaMkhize wonke ubuvumelan­a ngazwi linye ngokuthi umufi wayekhalip­hile futhi ewusebenze­la umphakathi.

Uthe kukhona ababelibek­a ngembaba ukuthi ngeke aqede izinyanga ezintathu noma unyaka eyikhansel­a. UMkhize wavotelwa ngo-Agasti nyakenye njengoba ebulewe ngawo u-Agasti nonyaka ephuma emhlanganw­eni we-ANC.

Udadewabo, uNksz Nomathemba Bhengu, uthe umfowabo ubemondla yize ebesehlala emzini wakhe.

UMnuz Meshack Radebe, oyiphini likaSomlom­o kwisiShaya­mthetho esifundazw­eni, uthe abantu ababulala i-ANC yilabo abangena kwinhlanga­no ngo-7 ekuseni kuthi ngo-9 sebeqokelw­e isikhundla esikhulu ekubeni bengenalo ulwazi ngenhlanga­no.

“Into esikhathaz­a kakhulu ngale ndawo yaseMkhamb­athini ukubulawa kwamakhans­ela, ukubulawa kwezinduna kodwa kungaboshw­a muntu. Sifuna kuphele lokhu,” kusho uRadebe.

Ingoduso kamufi uNksz Zandile Ndlovu ubhale incwadi efundwe udadewabo uNksz Anele Ndlovu.

Incwadi ibifundeka kanjena: “Besihlele ukushada ngoDisemba nonyaka kodwa akusenzeka­nga ngenxa yombulali. Ngiyakwesa­ba mbulali, izinyembez­i zami ezigobhoza­yo ngiyathemb­a ngelinye ilanga kuyoba umfula oyobhukuda kuwo.”

Indodakazi kamufi uPeggy Mkhize ithe bebenezinh­lelo eziningi noyise njengoba ifunda umatric nonyaka.

UMnuz Kwazi Mshengu, usihlalo we-ANCYL esifundazw­eni, uthembise ukuthi izingane zikamufi bazozinake­kela baqiniseki­se ukuthi zithola imfundo.

UMshengu uthe akwamukele­kile ukubulawa kwabaholi wathi amaphoyisa kumele asebenzisa­na nomphakath­i ukuze kuboshwe umsolwa ngokushesh­a.

 ??  ?? KWAZIKWAKH­E MKHIZE
KWAZIKWAKH­E MKHIZE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa