Injabulo uThongathi FC ludla umhlanganiso okokuqala
BABUYELE emakhaya bechicha yinjabulo bonke abaxhumene noThongathi FC enqobe umdlalo wayo wokuqala kusukela ikhushulelwe kwiNational First Division (NFD).
Lo mdlalo uphele iLeopards ingasaphelele kwazise uThivhavhudzi Ndou uphume ngamakhadi amabili aphuzi. Womabili amaqembu aqale umdlalo kulindeleke ukuthi udle ngokuthi lihambe phansi kwazise iyona indlela aziwa ngayo. Nendlela la maqembu aqale ngayo isizini ibe yisinongo kwazise iLeopards ebivakashile ize lapha inamaphuzu amane emidlalweni emibili.
Iyiqale kahle isizini inqoba ekuhambeni kwiMbombela United kodwa yabanjelwa ekhaya kuba u 2-2 ibhekene ne-Ubuntu Cape Town. Ngemuva kokushiywa uSiphelele Ntshangase abaningi abawasusi amehlo kuleli qembu likaDavid Thidiela. Isiwombe sokuqala size saphela engakaze asetshenziswe unozinti weqembu lasekhaya u-Innocent Mthembu.
NoThongathi luqale umdlalo lungayazi induku kwazise belusadlale ngokulingana kuyona yomibili yokuvula isizini, iwini ibibhekekile njengoba beludlalela ekhaya. Leli qembu elidle umhlanganiso kwi-ABC Motsepe League ngesizini edlule, liqale isizini ngokubamba iStellenbosch United ngo 1-1. Kowesibili leli qembu elidume ngelama-Cane Cutters kwabasondelene nalo, libambe iReal Kings ngawo belu u 1-1.
Akukho okutheni obekuvela ngakulona iqembu lasekhaya esiwombeni sokuqala ngaphandle kweminyakazo kaNare Ngwetjana obeqhamuka ngasophondweni lwangakwesokudla.
Noma ngabe yini le umqeqeshi woThongathi uRonnie Gabriel abatshele yona ngesikhathi sekhefu ibukeka isebenzile ngoba abafana bakhe babuye sebevutha. Iminyakazo yabo ibisibafaka ebhokisini kwaze kwavela namathuba amahle kuSitabonga Vilane oshaye ipali noNgwetjana othathe isikhathi eside ukushaya waze wavinjwa.
Kuthe kungalindele muntu unozinti weLeopards uRotshidzwa Muleka wachoba i-free kick ebikude yawela kuCelimpilo Ngema obedinga kuphela ukuthi ibhola aliphelezele aleqise umugqa. Umdlalo uphele ngalelo goli.