Umdlali weCell C Sharks uphuke ingalo
UMDLALI waphambili weCell C Sharks, uCoenie “Shrek” Oosthuizen, uphuke ingalo wabuyiselwa ekhaya neqembu lesizwe amaBhokobhoko .
Ulimale koweRugby Championship ophele ngo 23-23 ne-Australia ngoMgqibelo ePerth, e-Australia.
Sesivaliwe ngoWilco Louw weWestern Province isikhala salo mdlali okuzothi noma ebuya kodwa angakwazi ukusiza ezakhe yize ezoba neqhaza angalibamba ezihlweleni. Ngeke nokho adingeke kangako u-Osthuizen kwiSharks ngoba iqhwakele futhi ikhombisa izimpawu zokumuka naso isicoco seCurrie Cup.
NgoLwesihlanu, iSharks ize yaqala ukudlala sekusele amanenjana edosheni likanondweba kodwa yagcina iwunqobile owesikhombisa kulandelana. Inqobe ngo 27-25 kwiSteval Pumas ebingazibekile phansi eMbombela Stadium, eNelspruit, eMpumalanga.
Nakuba bekungewona umdlalo lapho iSharks ekwenze kahle konke kodwa iwasebenzisile amathuba ayo ewathole ekugcineni. Inkinga ngokuyeka amathuba ibonakale yahlala obala kowamaBhokobhoko ne-Australia ngoba ezikaAllister Cotezee ziwatholile amathuba kodwa kwabheda. Lokhu kuzishiya endaweni yesibili ku-log yamazwe amane okuqhwakele kuyo iNew Zealand ebhabhadise i-Argentina ngo 39-22. Umdlalo olandelayo wamaBhokobhoko ungoMgqibelo ekuseni neNew Zeland ekuhambeni.
OweSharks uzoba neGriquas ebambe ibhuleki kwi-log kanti kulindeleke ukuthi iSharks izitholele amaphuzu azophinde akuqinise ukuthi iyidlalele ekhaya eyemikhumulajezi. Kwenzeka konke lokhu nje kunzima kwiSouthern Kings neToyota Cheetahs njengoba (bobabili) beshaywe kanzima emidlalweni yabo yokuqala kwi-Pro14.