UKutumela akathi nyaka kwiPirates
UMGADLI we-Orlando Pirates, uThabiso Kutumela, usayibona indawo yakhe eqenjini ngaphansi komqeqeshi omusha uMilutin “Micho” Sredojevic.
UKutumela usayine kwiPirates ekuqaleni kwesizini edlule emuva kokuqhulula amagoli kwiBaroka FC ebidlala kwiNational First Division (NFD) ngeka-2015/2016. Udle umklomelo womshayimagoli ovelele kulesi sigaba emuva kokubhakuzisa inethi kawu-18. UKutumela ubhekane nengwadla kwiPirates waphenduka ukudla kwebhentshi ngaphansi kwabaqeqeshi abahlukene ngesizini edlule. Ubemiswe kabi nguThamsanqa Gabuza, Tendai Ndoro, osedlala phesheya kwezilwandle, no-Ayanda Nkosi.
USredojevic ufike nezinguquko eziningi kwiPirates, wabeka ngaphandle abadlali abebezitamuzela ijezi ngesizini edlule. Ijezi litholwa yinqwaba yabadlali ababeyibuka nezibukeli iPirates ngesizini edlule okukhona kubona uNtsikelelo Nyawuza, Thabo Qalinge noGladwin Shitolo.
UKutumela usize iqembu lePirates leMultichoice Diski Challenge (MDC) ukuthi liwine umdlalo wokuqala wesizini ngokushaya amagoli amabili lehlula AmaZulu ngo 2-1 eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngoMgqibelo.
“Ngijabule ngikushaya amagoli amabili ngoba ngibuyela ezingeni engangikulona ngesikhathi ngisekwiBaroka. Ngethemba ukuthi azongisiza ukubuyisa ukuzethemba. Ngisazimisele ukulwela indawo yami eqenjini elikhulu,” kusho uKutumela.
“Umqeqeshi (Micho) uhlale esigqugquzela, ufana nobaba kithina. Angizange ngicele ukubolekiswa ngoba ngifuna ukulwela indawo yami kwiPirates. Ngiyakholwa wukuthi uma ngisebenza kanzima ngizolithola ithuba futhi ngizolisebenzisa.”
Ukuhamba kukaNdoro kungenzeka kube yisibusiso kuKutumela ngoba kuncipha isibalo sabagadli abanga nabo. Nokho indlela uSredojevic afuna iqembu lakhe lidlale ngayo ingaba wumgoqo ekutheni athole isikimu. Lo mqeqeshi ukhonze ukusebenzisa umgadli oyedwa omude ozokwazi ukuqedela amabhola agotshwe ezinhlangothini aphinde abambe ibhola, alinde abadlali basesiswini okuyinto emxakayo uKutumela ongomunye wabagadli abafushane kwi-Absa Premiership.
Iphini lomqeqeshi wePirates kwiMDC, uPhilani Kubheka, lizwakalise ukujabula ngendlela uKutumela adlale ngayo. “UKutumela ungumdlali osezingeni eliphezulu okwaziyo ukuqedela amabhola ebhokisini. Sikubonile lokho ngamagoli amabili awashayile. Kodwa kufanele asebenze kakhulu akutheni akwazi ukubamba amabhola phambili. Yena usazowashaya amagoli,” kusho uKubheka.
Imidlalo ye-Absa Premiership:
Namuhla: Free State Stars v Mamelodi Sundowns (Goble Park, 6pm)
Kusasa ngo-7.30 ebusuku: SuperSport United v Platinum Stars (Lucas Moripe Stadium); Orlando Pirates v Ajax Cape Town (Orlando Stadium); Polokwane City v
Bloemfontein Celtic (Old Peter Mokaba Stadium); Chippa United v Baroka FC (Nelson Mandela Bay Stadium); AmaZulu FC v Maritzburg United (King Zwelithini Stadium)
NgoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku: Bidvest Wits v Golden Arrows (Bidvest Stadium); Cape Town City FC v Kaizer Chiefs (Cape Town Stadium)