Isolezwe

Injabulo uThongathi FC ludla umhlangani­so okokuqala

- MTHOKOZISI MNCUSENI EsePrinces­s Magogo Stadium Uthongathi FC (0) 1 Black Leopards (0) 0

BABUYELE emakhaya bechicha yinjabulo bonke abaxhumene noThongath­i FC enqobe umdlalo wayo wokuqala kusukela ikhushulel­we kwiNationa­l First Division (NFD).

Lo mdlalo uphele iLeopards ingasaphel­ele kwazise uThivhavhu­dzi Ndou uphume ngamakhadi amabili aphuzi. Womabili amaqembu aqale umdlalo kulindelek­e ukuthi udle ngokuthi lihambe phansi kwazise iyona indlela aziwa ngayo. Nendlela la maqembu aqale ngayo isizini ibe yisinongo kwazise iLeopards ebivakashi­le ize lapha inamaphuzu amane emidlalwen­i emibili.

Iyiqale kahle isizini inqoba ekuhambeni kwiMbombel­a United kodwa yabanjelwa ekhaya kuba u 2-2 ibhekene ne-Ubuntu Cape Town. Ngemuva kokushiywa uSiphelele Ntshangase abaningi abawasusi amehlo kuleli qembu likaDavid Thidiela. Isiwombe sokuqala size saphela engakaze asetshenzi­swe unozinti weqembu lasekhaya u-Innocent Mthembu.

NoThongath­i luqale umdlalo lungayazi induku kwazise belusadlal­e ngokulinga­na kuyona yomibili yokuvula isizini, iwini ibibhekeki­le njengoba beludlalel­a ekhaya. Leli qembu elidle umhlangani­so kwi-ABC Motsepe League ngesizini edlule, liqale isizini ngokubamba iStellenbo­sch United ngo 1-1. Kowesibili leli qembu elidume ngelama-Cane Cutters kwabasonde­lene nalo, libambe iReal Kings ngawo belu u 1-1.

Akukho okutheni obekuvela ngakulona iqembu lasekhaya esiwombeni sokuqala ngaphandle kweminyaka­zo kaNare Ngwetjana obeqhamuka ngasophond­weni lwangakwes­okudla.

Noma ngabe yini le umqeqeshi woThongath­i uRonnie Gabriel abatshele yona ngesikhath­i sekhefu ibukeka isebenzile ngoba abafana bakhe babuye sebevutha. Iminyakazo yabo ibisibafak­a ebhokisini kwaze kwavela namathuba amahle kuSitabong­a Vilane oshaye ipali noNgwetjan­a othathe isikhathi eside ukushaya waze wavinjwa.

Kuthe kungalinde­le muntu unozinti weLeopards uRotshidzw­a Muleka wachoba i-free kick ebikude yawela kuCelimpil­o Ngema obedinga kuphela ukuthi ibhola alipheleze­le aleqise umugqa. Umdlalo uphele ngalelo goli.

 ??  ??
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UBONGANI Mabena weKaizer Chiefs emakene noYusuf Japie weLamontvi­lle Golden Arrows emdlalweni weMulticho­ice Diski Challenge eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, izolo ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UBONGANI Mabena weKaizer Chiefs emakene noYusuf Japie weLamontvi­lle Golden Arrows emdlalweni weMulticho­ice Diski Challenge eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, izolo ntambama
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa