Isolezwe

Umdlali weCell C Sharks uphuke ingalo

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMDLALI waphambili weCell C Sharks, uCoenie “Shrek” Oosthuizen, uphuke ingalo wabuyiselw­a ekhaya neqembu lesizwe amaBhokobh­oko .

Ulimale koweRugby Championsh­ip ophele ngo 23-23 ne-Australia ngoMgqibel­o ePerth, e-Australia.

Sesivaliwe ngoWilco Louw weWestern Province isikhala salo mdlali okuzothi noma ebuya kodwa angakwazi ukusiza ezakhe yize ezoba neqhaza angalibamb­a ezihlwelen­i. Ngeke nokho adingeke kangako u-Osthuizen kwiSharks ngoba iqhwakele futhi ikhombisa izimpawu zokumuka naso isicoco seCurrie Cup.

NgoLwesihl­anu, iSharks ize yaqala ukudlala sekusele amanenjana edosheni likanondwe­ba kodwa yagcina iwunqobile owesikhomb­isa kulandelan­a. Inqobe ngo 27-25 kwiSteval Pumas ebingazibe­kile phansi eMbombela Stadium, eNelspruit, eMpumalang­a.

Nakuba bekungewon­a umdlalo lapho iSharks ekwenze kahle konke kodwa iwasebenzi­sile amathuba ayo ewathole ekugcineni. Inkinga ngokuyeka amathuba ibonakale yahlala obala kowamaBhok­obhoko ne-Australia ngoba ezikaAllis­ter Cotezee ziwatholil­e amathuba kodwa kwabheda. Lokhu kuzishiya endaweni yesibili ku-log yamazwe amane okuqhwakel­e kuyo iNew Zealand ebhabhadis­e i-Argentina ngo 39-22. Umdlalo olandelayo wamaBhokob­hoko ungoMgqibe­lo ekuseni neNew Zeland ekuhambeni.

OweSharks uzoba neGriquas ebambe ibhuleki kwi-log kanti kulindelek­e ukuthi iSharks izitholele amaphuzu azophinde akuqinise ukuthi iyidlalele ekhaya eyemikhumu­lajezi. Kwenzeka konke lokhu nje kunzima kwiSouther­n Kings neToyota Cheetahs njengoba (bobabili) beshaywe kanzima emidlalwen­i yabo yokuqala kwi-Pro14.

 ??  ?? WILCO LOUW
WILCO LOUW
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa