UBenni usemphuze inyongo uGavin Hunt
UBENNI McCarthy, ocija iCape Town City, uqophe umlando ngokungena kowamanqamu ngesizini yakhe yokuqala eqeqesha ezingeni eliphezulu eNingizimu Afrika.
EzikaMcCarthy zizibekisele indawo kowamanqamu weMTN 8 ngokushaya iBidvest Wits emlenzeni wesibili we-semi final yeMTN 8 eBidvest Stadium, eGoli, izolo ntambama. ICity ibize kulo mdlalo ihamba phambili ngo-1-0 okuchaza ukuthi kugcine kungu3-1 uma sekuhlanganiswe yomibili imilenze.
UMcCarthy ufike kwiCity ekuqaleni kwesizini ezovala isikhala esivuleke ngokushiya kuka-Eric Tinkler osecija iSuperSport United. La maqembu azohlangana kowamanqamu enkundleni esazomenyezelwa. ISuperSport ishaye iMarizburg United ngo-3-1 sekuhlanganiswe yomibili imilenze eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoMgqibelo ebusuku.
Selokhu kuqale isizini uMcCarthy uyazenzela kuGavin Hunt owake waba ngumqeqeshi wakhe. Umshaye kowePremiership, umlenze wokuqala weMTN 8 njengoba esemphinda izolo.
Umdlalo wayizolo uqale ngesikhulu isivinini. Bekucaca ukuthi iZitshudeni azizimisele ngokuhlala emuva ngoba yizona ebezilandela ngo-1-0. Ukuhlasela kweWits kusheshe kwakhombisa ukuthi luzothwala kanzima udonga lweCape Town City obeluholwa uRobyn Johannes, ukaputeni. Ngomzuzu ka-12 ukucindezela kukakaputeni weWits, uThulani Hlatshwayo, kube nomvuzo ngesikhathi ephoqa uJohannes ukuthi alihlohle ngakubo ngemuva kwesibhudubhudu ebhokisini.
Umdlalo uqhubekile nokuhamba ngesivinini kwathi ngomzuzu ka-28 u-Ayanda Patosi wathola ifree kick ayifake ebhokisini u-Arm Gamal weWits, odabuka e-Egypt walihlohla ekhaya. Ngomzuzu ka-41 icishe yalidumisa phakathi iWits kodwa uJohhanes walikhipha ngaphambi kokuthi leqe umugqa.
Ngesiwombe sesibili uHunt ufake abadlali bakhe abathembile uDaine Klate, Eleazar Rodgers noHellings Mhango. Nokho iCity yale yaphetha ukudedela igoli njengoba iWits ibisidinga ukushaya amabili ukuze idlulele phambili.
Kuvele kwaphela nya ngamaphupho kaHunt okuvikela isicoco asithathe ngesizini edlule ngesikhathi uLehlohonolo Majoro elibeka enethini ngomzuzu ka-71. IWits izamile ukubuya kodwa kwagcina kungavumanga.
NgoLwesithathu iCity izobhekana neKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiership eCape Town Stadium, eKapa, ngo7.30 ebusuku.