Isolezwe

ULerena ugxeke amajaji ewina ele-IBO

- ZAKHELE XABA

UGXEKE amajaji ewina ibhande le-Internatio­nal Boxing Organisati­on (IBO) cruiserwei­ght ebelingaph­ethwe muntu umshayisib­hakela waseNingiz­imu Afrika, uKevin “Two Guns” Lerena (osesithomb­eni), othwale ubunzima empini ebikade ise-Emperors Palace, eGauteng, ngoMgqibel­o ebusuku.

ULerena uhlule uYouri Kalenga waseFrance ngamaphuzu. Amajaji amabili impi ayinike uLerena ngo 116-113 no 115-113 kwathi elinye layinika uKalenga ngo117-111. Yikhona lokhu okudine uLerena obekholwa wukuthi bekufanele womathathu amajaji awunike yena ngoba ngokwakhe ubezidlela amahlanga kuKalenga.

Impi kaLerena noKalenga ibikade ingeyosuku ezimpini ebezikade zihlelwe yiGolden Gloves Promotions kaRodney Berman.

“Ngijabule ngokuba ngumpetha we-IBO. Ngibonga abaxhasi bami nophromoth­a uBerman. Angazi kungani amajaji eyahlulele le mpi ngokuthi sihlukanis­elene imizuliswa­no ngoba ngiwine ingcaca lapha,” kusho uLerena.

Kwenye impi ebikade ibhekwe ngabomvu, uNkululeko “Bulldog” Mhlongo, uvikele ngempumele­lo ibhande le-SA junior middleweig­ht kuBrandon Thysse eqeda ngaye ngomzulisw­ano ka-10. UMhlongo ukhombise ukuvuthwa kulesi sigaba exhimfa uThysse kusukela ngomzulisw­ano wokuqala. UThulani “Tulz” Mbenge uvikele ngempumele­lo ibhande le-SA welterweig­ht ehlula umkhaya wakhe uMziwoxolo Ndwayana ovume phansi ngomzulisw­ano wokuqala kodwa waqhubeka, wagcina ekhale ngaphansi ngamaphuzu.

Khonamanja­lo ezimpini ebezikade zingoLwesi­hlanu, uNoni “She Bee Stinging” Tenge uhlule ngamaphuzu uMapule Ngubane waKwaZulu-Natal empini yebhande le-WBF junior middleweig­ht. Izimpi bezikade zihlelwe nguMbali Zantsi weShowtime Promotions.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa