Isolezwe

‘Wuthando olwenza sihlale ndawonye’

- FANELESIBO­NGE BENGU

INGWAZI yekwaito ebishadelw­a eRandburg ngeSonto, uMandla “Spikiri” Mofokeng, ithi uthando yilo olwenze yahlala iminyaka engaphezul­u kuka-20 ithandana nomkayo.

USpikiri nomkakhe, uRushka, abanezinga­ne ezine, bashade umshado omhlophe.

“Sashada kudala ngokwesint­u. Umshado bekuyindle­la yokugubha ukuthi sesibe ndawonye isikhathi eside,” kusho uSpikiri.

Uthe kuwuhlelo lukaNkulun­kulu ukuthi babe ndawonye isikhathi eside kangaka nezingane zabo sezize zakhula.

“Angisoze ngahlukani­sa nenkosikaz­i yami. Ngifuna ukuguga nayo. Angifuni ukuthi izingane zami zikhuliswe womunye umuntu. Kumele zikhuliswe wunina noyise. Angifuni bezwe ukuhlukume­zeka,” kuchaza uSpikiri.

Uthe okwenze uthando lwabo lwadonsa iminyaka yingoba baphethene kahle nomkakhe.

“Kubaluleki­le ukuthi uwuphathe kahle umndeni wakho ngoba uzohlala ukhona noma ngabe kwenze njani.”

Ugqugquzel­e nabanye besilisa ukuthi babaphathe kahle abantu besifazane nezingane.

“Kumele sibathande futhi sibanakeke­le. Umndeni wami ngiwuthand­a ngenhliziy­o yami yonke.”

USpikiri uphinde wadalula ukuthi basestudiy­o kulezi zinsuku balungisel­ela ukukhipha ama-albhamu abaculi abaqopha enkampanin­i yakhe, iKalawa Jazmee .

Kubaculi athe bazokhipha amaalbhamu kulo nyaka nangonyaka ozayo, kubalwa uCandy noBusiswa.

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? UMANDLA ‘Spikiri’ Mofokeng obeshadelw­a ngeSonto ugqugquzel­e abesilisa ngokuthi bengahluku­mezi abesifazan­e nezingane kunalokho babathande
Isithombe: INSTAGRAM UMANDLA ‘Spikiri’ Mofokeng obeshadelw­a ngeSonto ugqugquzel­e abesilisa ngokuthi bengahluku­mezi abesifazan­e nezingane kunalokho babathande

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa