Isolezwe

UFelix Hlophe ucishe wafela emoyeni

- FANELESIBO­NGE BENGU

UCISHE wafela emoyeni umsakazi weGagasi FM, uFelix Hlophe, oshaywe yinhliziyo esasakaza.

UFelix ubethula uhlelo lwakhe iMidday Shandis ngokubambi­sana noDJ Le Soul ngesikhath­i kwenzeka lokhu. Uhlelo lwabo lungena ngo-12 kuya ku-3 ntambama phakathi nesonto.

Kuphoqelek­e ukuthi uLe Soul noFlaimoti­on baqhubeke nohlelo.

Kuthiwa uqale wabamba isifuba wabe eseshayeka phansi, ekhala ngezinhlun­gu.

Ngaleso sikhathi kuthiwa ozakwabo bese bethukile ngoba ubengasany­akazi.

Ethintwa izolo ntambama uFelix, ophinde abe ngusomahla­ya, uthe usengconyw­ana futhi usephumile esibhedlel­a.

“Udokotela uthe kumele ngishintsh­e indlela engiphila ngayo. Ngizoyeka utshwala nokudla okunamafut­ha ngoba abephezulu kakhulu (high cholestero­l),” kusho uFelix.

Izolo ntambama uthe usephumile esibhedlel­a, uselulamel­a ekhaya.

“Ithimba lami belithukil­e. Bekukubi, ngicishe ngafa. Ngicabanga ukuthi ngeke ngibe semoyeni izinsuku ezine,” kusho yena.

Okhulumela iGagasi FM, uKhulekani Shandu, uthe ibathusile indaba kaFelix.

“Umbiko esiwuthole kozakwabo wukuthi uquleke ngehora lokugcina lohlelo. Ozakwethu abanye bamthathil­e bamphuthum­isa esibhedlel­a,” kusho uShandu.

Uthe ngeke akwazi ukuqinisek­isa ukuthi uzozwakala yini emoyeni ngoba basalinde umbiko kadokotela.

“Usitshele ukuthi basamhlola. Isiteshi simfisela ukululama okusheshay­o,” kusho uShandu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa