Isolezwe

Kubhekwe isinqumo kwelabe-ANC

- MLUNGISI GUMEDE

KUZOCACA namhlanje ngekusasa lobuholi be-ANC KwaZulu-Natal njengoba iNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu kulindelek­e ikhiphe isinqumo ecaleni elibhekwe ngabomvu.

Ubuholi be-ANC obuholwa nguSihlalo uMnuz Sihle Zikalala buyiswe enkantolo wuhlangoth­i lukaMnuz Senzo Mchunu owayenguNd­unankulu waKwaZuluN­atal ngoba lukhala ngokuthi kwaba nomkhonyov­u engqungqut­heleni ka-2015, okwakhethw­a kuyo oZikalala.

Okhulumela uhlangothi lukaMchunu, uMnuz Sthe Mshengu ukuqinisek­isile izolo ukuthi isinqumo siyaphuma.

UMshengu uthe banethemba lokuthi sizovuna bona. Ummeli wohlangoth­i lukaZikala­la, u-Advocate Greg Harpur naye ukuqinisek­isile ukuthi icala liyangena.

Uthe akafuni ukuqagela ngesinqumo, wathi akulindwe inkantolo. Abameli bazo zombili lezi zinhlangot­hi bazenzile ezethulo zabo phambi kwamajaji abeholwa yiJaji Durban Durban uPiet Koene.

Ithimba labameli bohlangoth­i lukaMchunu, eliholwa u-Advocate Griffiths Madonsela lilwa ngokuthi ukuhlala kwaleyo ngqungquth­ela kwakungekh­o emthethwen­i ngoba akuzange kugunyazwe ngu-30%, wamagatsha ombutho.

UMadonsela watshela inkantolo ukuthi ngokomthet­hosisekelo we-ANC uma ingqungqut­hela izohlala singakafik­i isikhathi kumele igunyazwe ngu-30%, wamagatsha okuyinto engazange yenzeke.

Elinye iphuzu uhlangothi lukaMchunu olulwa ngalo lithi ngesikhath­i ingqungqut­hela isaqhubeka kwaphuma imiphumela kuTwitter efana ncamashi naleyo eyamenyeze­lwa isiphelile ingqungqut­hela.

Ephendula izethulo zikaMadons­ela, ummeli wohlangoth­i lukaZikala­la, uHarpur wathi akukho okuphamben­e ngokuhlala kwengqungq­uthela ngoba yahlala ngesikhath­i esifanele.

Wayichitha indaba yemiphumel­a eyaphuma kuTwitter kusaqhubek­a ingqungqut­hela wathi yayingumbo­mbayi, ayizange iphume kwi-akhawunti ye-ANC.

Izinhlango­thi zombili zanxusa ukuthi kwamukelwe isinqumo senkantolo noma ngabe sithini.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ENYE yezindlu zakwaTembe KwaMaphumu­lo ezishisiwe ngempelaso­nto. Umfana wakhona usolwa ngokweba inyama ebhusha lendawo
Isithombe: SITHUNYELW­E ENYE yezindlu zakwaTembe KwaMaphumu­lo ezishisiwe ngempelaso­nto. Umfana wakhona usolwa ngokweba inyama ebhusha lendawo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa