Bashise umuzi esolwa ngokweba inyama
UTHUKA izanya umndeni wakwaTembe, kwaWoza KwaMaphumulo ngemuva kokungqongqiswa ngomlilo komuzi wabo, ngamalungu omphakathi abesola umfana wakhona ngokuthi webe inyama ebhusha lendawo.
UNksz Nelisiwe Tembe uthe abazi ukuthi baphephile yini ngemuva kwesigameko esenzeke ngoMgqibelo emini.
Uthe kungene abantu, abanye abangamalungu omphakathi, abanye abasebenzi bebhusha elisendaweni bavele bokhela izindlu ezintathu nomlilo.
“Kube inhlanhla ukuthi indodana yami ena-20 ikwazi ukuphuma ibaleke njengoba bebeshisa emini kubuka wonke umuntu. Ngokuthola kwami basola yona indodana yami, esinde kushiswa, ukuthi yeba inyama yasebhusha eligqekeziwe,” kusho uNksz Tembe.
Ibhusha kuthiwa ligqekezwe ngoLwesine ebusuku, kwasa inyama ingabonwa.
Kuthiwa lokhu kucasule umphakathi nabasebenzi okwenze baya kubo kamsolwa, kwaphetha ngokuthi kushiswe.
UNksz Tembe uthe kushe konke obekuphakathi ezindlini ezintathu, ezinye zaze zawa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, u-Lt Colonel Thulani Zwane uthe bavule icala lokucekela phansi impahla ngomlilo.
“Ngo-2 ntambama kwaWoza KwaMaphumulo kushiswe umuzi. Imbangela yokushiswa komuzi ayaziwa kodwa kunecala lokucekela phansi impahla eliphenywa amaphoyisa aKwaMaphumulo. Akekho oboshiwe,” kusho uZwane.
UNksz Tembe uthe indodana yakhe ibingazange iboshelwe ukweba inyama noma ukugqekeza ebhusha kodwa amaphoyisa afika ezoyiphonsa imibuzo ayishiya ekhaya.
UNksz Tembe uthe ngokwazi kwakhe indodana yakhe ayiyena umuntu ohluphayo.
Kumanje uthe bahlezi kwelinye ikhaya labo elikhona endaweni.
“Asazi ngempela ukuthi siphephile yini ngoba akekho umsolwa oboshiwe, kungenzeka siphinde sihlaselwe,” kusho uNksz Tembe.