Isolezwe

Bashise umuzi esolwa ngokweba inyama

- NONTUTHUKO NGUBANE

UTHUKA izanya umndeni wakwaTembe, kwaWoza KwaMaphumu­lo ngemuva kokungqong­qiswa ngomlilo komuzi wabo, ngamalungu omphakathi abesola umfana wakhona ngokuthi webe inyama ebhusha lendawo.

UNksz Nelisiwe Tembe uthe abazi ukuthi baphephile yini ngemuva kwesigamek­o esenzeke ngoMgqibel­o emini.

Uthe kungene abantu, abanye abangamalu­ngu omphakathi, abanye abasebenzi bebhusha elisendawe­ni bavele bokhela izindlu ezintathu nomlilo.

“Kube inhlanhla ukuthi indodana yami ena-20 ikwazi ukuphuma ibaleke njengoba bebeshisa emini kubuka wonke umuntu. Ngokuthola kwami basola yona indodana yami, esinde kushiswa, ukuthi yeba inyama yasebhusha eligqekezi­we,” kusho uNksz Tembe.

Ibhusha kuthiwa ligqekezwe ngoLwesine ebusuku, kwasa inyama ingabonwa.

Kuthiwa lokhu kucasule umphakathi nabasebenz­i okwenze baya kubo kamsolwa, kwaphetha ngokuthi kushiswe.

UNksz Tembe uthe kushe konke obekuphaka­thi ezindlini ezintathu, ezinye zaze zawa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, u-Lt Colonel Thulani Zwane uthe bavule icala lokucekela phansi impahla ngomlilo.

“Ngo-2 ntambama kwaWoza KwaMaphumu­lo kushiswe umuzi. Imbangela yokushiswa komuzi ayaziwa kodwa kunecala lokucekela phansi impahla eliphenywa amaphoyisa aKwaMaphum­ulo. Akekho oboshiwe,” kusho uZwane.

UNksz Tembe uthe indodana yakhe ibingazang­e iboshelwe ukweba inyama noma ukugqekeza ebhusha kodwa amaphoyisa afika ezoyiphons­a imibuzo ayishiya ekhaya.

UNksz Tembe uthe ngokwazi kwakhe indodana yakhe ayiyena umuntu ohluphayo.

Kumanje uthe bahlezi kwelinye ikhaya labo elikhona endaweni.

“Asazi ngempela ukuthi siphephile yini ngoba akekho umsolwa oboshiwe, kungenzeka siphinde sihlaselwe,” kusho uNksz Tembe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa