Isolezwe

Kumiswe omunye uthisha odedela isibhaxu

- BONISWA MOHALE

SEKUPHINDE kwamiswa omunye uthisha ovela kwi-video ebhaxabula umfundi ngepayipi esikoleni saseSikhal­eni, Umdlamfe Secondary.

Uthisha ubonakala eshaya abafundi bakhe bamantomba­zane kuthi omunye uma ebaleka amlande eseyophuma ngomyango amtaxe umzimba wonke.

Akucaci ukuthi i-video yathathwa nini kodwa aboMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal bathe usemisiwe uthisha obonakala kwi-video.

UMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela uNgqongqos­he wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Mthandeni Dlungwane, uthe uthisha usebhalelw­e incwadi emumisayo ngenxa yokuthi kade yavalwa induku ezikoleni.

Uthe ungqongqos­he usejube ithimba elikhethek­ile elizopheny­a ngalokhu bese kuthathwa ezinye izinyathel­o.

Udonse ngendlebe othisha ukuthi bangalokot­hi bashaye izingane ngoba ziningi izindlela zokuqondis­a ubugwegwe kumfundi ngaphandle kokumshaya.

Ukumiswa kukathisha eMdlamfe kungemuva kokumiswa kowesikole saseMlaza, Okumhlophe Secondary, ngo-Agasti 28.

Okwamanje uthisha wasOkumhlo­phe usahleli ekhaya, ikusasa lakhe lizocacisw­a yimiphumel­a yophenyo.

UMthethwa ugqugquzel­e abafundi nabazali ukuthi babacebe emnyangwen­i othisha abasebenzi­sa induku ngoba lokho kuphambene nomthetho wezemfundo futhi kuyicala elibomvu. Yize othisha bekhuzwa njalo ngokuseben­zisa induku kubonakala sengathi abaKwaZulu-Natal abayingeni indaba yokusebenz­isa ezinye izindlela zokujezisa abafundi.

 ??  ?? UZOHLALA ekhaya kuze kuphothulw­e uphenyo uthisha onenebula umfundi waseMdlamf­e Secondary kwi-video esabalele ezinkundle­ni zokuxhuman­a
UZOHLALA ekhaya kuze kuphothulw­e uphenyo uthisha onenebula umfundi waseMdlamf­e Secondary kwi-video esabalele ezinkundle­ni zokuxhuman­a

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa