Usezivalela endlini ocishe wadlwengulwa
UTHUKA izanya umndeni wowesifazane oneminyaka engu-21 othandana nabobulili obufana nobakhe waseNewcastle, ngemuva kokuthi ehudulwe emgwaqweni ngumuntu wesilisa owaziwayo ethi ufuna ukumdlwengula “amkhiphe ubutabane”.
Kuthiwa usehlala ezivalele endlini lo wesifazane ohlaselwe ngumakhelwane kade evakashele intombi yakhe.
Umfowabo womgilwa ona-31, ongeke adalulwe ukuze avikeleke, uthe okubadidayo wukunqaba kwamaphoyisa ukuvula icala ngalesi sigameko.
“Ucwasekile udadewethu ngoba nakhu ethandana nabobulili obufana nobakhe. Isigameko senzeka ebusuku ngoSepthemba 3 nonyaka, ngesikhathi udadewethu ehudulwa phansi wumsolwa emtshela ukuthi uyomkhipha “ubutabane” ngokulala naye ngenkani. Ngabizwa ngisekhaya ngafika ngamlamulela. Umsolwa wabaleka sabe sesiya esiteshini samaphoyisa,” kusho umfowabo.
Uthe udadewabo wathathwa ngamaphoyisa aseMadadeni ayokhuluma naye ngasese, babe sebembuyisa. “Ngazitshela ukuthi inombolo yecala bazosithumela kodwa akuzange kwenzeke. Sabuyela esiteshini siyobuza, basitshela ukuthi abazi bazovula icala elithini ngoba akazange amdlwengule kodwa wayefuna ukumdlwengula,” kusho umfowabo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, ukuqinisekisile ukuthi alikho icala elivuliwe kodwa laba bafika esiteshini ngelanga lesigameko.
“Ngokwamaphoyisa aseMadadeni owesifazane oneminyaka ewu-21 wafika esiteshini ezobika ukuthi kukhona omsabisa ngokumdlwengula futhi wamshaya. Umsolwa wathi uyamazi. Kwabhalwa umbiko ngokufika kwakhe kodwa alikho icala elavulwa,” kusho uCol Mbhele.
Umfowabo walo wesifazane uthe okubakhathazayo ngukuphepha kukadadewabo.
“Udadewethu useyasaba, akakwazi nokuphuma endlini. Ulinda mina ngize ngibuye emsebenzini bese ngiyamphelezela. Uhlezi ethukile. Akasakwazi ukuphila impilo yakhe. Esikufunayo njengomndeni ukuba kuphenywe umsolwa abhekane necala,” kusho umfowabo.
Uthe okumkhathazayo ngukuthi umsolwa kuthiwa uhamba inkantolo ngelinye icala lokudlwengula.