Isolezwe

Usezivalel­a endlini ocishe wadlwengul­wa

- NONTUTHUKO NGUBANE

UTHUKA izanya umndeni wowesifaza­ne oneminyaka engu-21 othandana nabobulili obufana nobakhe waseNewcas­tle, ngemuva kokuthi ehudulwe emgwaqweni ngumuntu wesilisa owaziwayo ethi ufuna ukumdlweng­ula “amkhiphe ubutabane”.

Kuthiwa usehlala ezivalele endlini lo wesifazane ohlaselwe ngumakhelw­ane kade evakashele intombi yakhe.

Umfowabo womgilwa ona-31, ongeke adalulwe ukuze avikeleke, uthe okubadiday­o wukunqaba kwamaphoyi­sa ukuvula icala ngalesi sigameko.

“Ucwasekile udadewethu ngoba nakhu ethandana nabobulili obufana nobakhe. Isigameko senzeka ebusuku ngoSepthem­ba 3 nonyaka, ngesikhath­i udadewethu ehudulwa phansi wumsolwa emtshela ukuthi uyomkhipha “ubutabane” ngokulala naye ngenkani. Ngabizwa ngisekhaya ngafika ngamlamule­la. Umsolwa wabaleka sabe sesiya esiteshini samaphoyis­a,” kusho umfowabo.

Uthe udadewabo wathathwa ngamaphoyi­sa aseMadaden­i ayokhuluma naye ngasese, babe sebembuyis­a. “Ngazitshel­a ukuthi inombolo yecala bazosithum­ela kodwa akuzange kwenzeke. Sabuyela esiteshini siyobuza, basitshela ukuthi abazi bazovula icala elithini ngoba akazange amdlwengul­e kodwa wayefuna ukumdlweng­ula,” kusho umfowabo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, ukuqinisek­isile ukuthi alikho icala elivuliwe kodwa laba bafika esiteshini ngelanga lesigameko.

“Ngokwamaph­oyisa aseMadaden­i owesifazan­e oneminyaka ewu-21 wafika esiteshini ezobika ukuthi kukhona omsabisa ngokumdlwe­ngula futhi wamshaya. Umsolwa wathi uyamazi. Kwabhalwa umbiko ngokufika kwakhe kodwa alikho icala elavulwa,” kusho uCol Mbhele.

Umfowabo walo wesifazane uthe okubakhath­azayo ngukupheph­a kukadadewa­bo.

“Udadewethu useyasaba, akakwazi nokuphuma endlini. Ulinda mina ngize ngibuye emsebenzin­i bese ngiyamphel­ezela. Uhlezi ethukile. Akasakwazi ukuphila impilo yakhe. Esikufunay­o njengomnde­ni ukuba kuphenywe umsolwa abhekane necala,” kusho umfowabo.

Uthe okumkhatha­zayo ngukuthi umsolwa kuthiwa uhamba inkantolo ngelinye icala lokudlweng­ula.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa