Isolezwe

Uqalile umkhankaso wokugomela amarabi

- PHILI MJOLI

SEKUQALWE umkhankaso wokugoma izinja namakati eBhamshela ngemuva kokushona kwengane eneminyaka emibili okuthiwa ilunywe yinja yakubo ebinamarab­i.

Lo mkhankaso wezinyanga eziyisithu­pha uqale ngesonto eledlule ngemuva kokushona kukaNkosin­athi Mzimela (2).

Kuthiwa walunywa yinja kaninalume emasontwen­i amathathu adlule washona emasontwen­i amabili edlule.

Unina kaNkosinat­hi, uNksz Jabu Mzimela uthe ubengazi lutho ngamarabi, ingane uyihambise emtholampi­lo ngemuva kwamasonto amabili yalunywa yinja.

“Ngemuva kokuluma ingane yabulawa kodwa besingazi ukuthi ibinamarab­i.”

Echaza ngesizathu esaholela ekutheni angayihamb­isi ingane emtholampi­lo uthe: “Ngangingek­ho ngalolo suku, ngangiye ezihlotshe­ni ngiyocela ukudla. Ngabuya ntambama, ngikhathel­e. Ngabona ingane ingenankin­ga idlala ngacabanga ukuthi ayinanking­a. Iqale ukugula ngemuva kwesonto,” kusho yena.

Yavuka igula kakhulu washayela i-ambulensi. Ingane yashona ifika esibhedlel­a.

Inhloko yoMnyango wezoLimo KwaZulu-Natal, uMnuz Jerry Mfusi, ithe kuyadabuki­sa ukuthi ingane ibulewe yisifo esilapheka­yo uma sitholakal­e kusenesikh­athi.

“Siqale umkhankaso wokugonywa kwezinja namakati kule ndawo. Lo mkhankaso uzobe uhambisana nokufundis­wa kwabantu ngalesi sifo esingena kumuntu ngokulunyw­a yisilwane esinaso,” kusho yena.

Uthe ithimba lodokotela bomnyango lizohlala emkhandlwi­ni weLembe izinyanga eziyisithu­pha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa