Uqalile umkhankaso wokugomela amarabi
SEKUQALWE umkhankaso wokugoma izinja namakati eBhamshela ngemuva kokushona kwengane eneminyaka emibili okuthiwa ilunywe yinja yakubo ebinamarabi.
Lo mkhankaso wezinyanga eziyisithupha uqale ngesonto eledlule ngemuva kokushona kukaNkosinathi Mzimela (2).
Kuthiwa walunywa yinja kaninalume emasontweni amathathu adlule washona emasontweni amabili edlule.
Unina kaNkosinathi, uNksz Jabu Mzimela uthe ubengazi lutho ngamarabi, ingane uyihambise emtholampilo ngemuva kwamasonto amabili yalunywa yinja.
“Ngemuva kokuluma ingane yabulawa kodwa besingazi ukuthi ibinamarabi.”
Echaza ngesizathu esaholela ekutheni angayihambisi ingane emtholampilo uthe: “Ngangingekho ngalolo suku, ngangiye ezihlotsheni ngiyocela ukudla. Ngabuya ntambama, ngikhathele. Ngabona ingane ingenankinga idlala ngacabanga ukuthi ayinankinga. Iqale ukugula ngemuva kwesonto,” kusho yena.
Yavuka igula kakhulu washayela i-ambulensi. Ingane yashona ifika esibhedlela.
Inhloko yoMnyango wezoLimo KwaZulu-Natal, uMnuz Jerry Mfusi, ithe kuyadabukisa ukuthi ingane ibulewe yisifo esilaphekayo uma sitholakale kusenesikhathi.
“Siqale umkhankaso wokugonywa kwezinja namakati kule ndawo. Lo mkhankaso uzobe uhambisana nokufundiswa kwabantu ngalesi sifo esingena kumuntu ngokulunywa yisilwane esinaso,” kusho yena.
Uthe ithimba lodokotela bomnyango lizohlala emkhandlwini weLembe izinyanga eziyisithupha.