Isolezwe

Akulula ukuhloniph­a umuntu ongazihlon­iphi yena

-

INYANGA yobugugu ibaluleke ukwedlula ukwenza esiNtwini. Ngaphambi kokuba ngikhulume ngemvelaph­i yolimi lwesiZulu, ngifisa ukucacisa ngabantu ebantwini. Igama umuntu linencazel­o esabalele. Ekudabuken­i kwalo lalisho imvelaphi yomuntu kusukela kukhokho wakhe uNtu. Namhlanje selisho umuntu. Umuntu ungowase-Afrika kepha akuwona wonke ama-Afrika angabantu. Ngifisa ukukucacis­a lokhu ukuze amaZulu angalokhu athukwa ngokucwasa uma esezibiza ngabantu sengathi abanye ababona abantu. Angikhutha­zi ukuba abanye babizwe ngezilwany­ana kepha ngicacisel­a kwayena uZulu ukuthi wehluke ngani kwabanye.

Umuntu yigugu lokuqala elibalulek­ile (Bheka incwadi kaMakhoba Amagugu Esizwe). Ulimi lwakhe luyisiseke­lo esinamandl­a. Ulimi lwesiZulu lungolunye lwezilimi zesiNtu. Kunezimpaw­u lezi zilimi ezibonakal­a ngazo. Zineziqalo zamabizo. Lezi ziqalo zehlukanis­we ngezigaba. Yizona ezidala izivumelwa­no. Uma umGibhithe enazo lezi zimpawu kusho ukuthi ungowakith­i. Uma engenazo kusho ukuthi sihlobene ngobu-Afrika kuphela asibona abandawony­e. Nom-Arabhu angaba ngowase-Afrika kepha uma engenazo izivumelwa­no olimini lwakhe, akayena owakithi.

Ulwazi oluningi ngemvelaph­i yezilimi zethu siluzwa ngabeLungu. Abanye kubaphatha kabi lokhu. Sizobuye siluzwe ngobani ngoba thina asicwaning­i, simimilita lokho esesitshel­we kona. Sakha uphahla lwenkawu sithi asinamali. Kukhona kodwa nokwenqena ukufunda. Isizwe sakithi siyokhula mhla savukuza isiko lokufunda nokucwanin­ga.

Ezinye izimpawu eziveza ukuba ngabandawo­nye, ukuba nsundu ngebala, izinwele nekhala eliyisidav­azi. Abantu banonwele olumnyama, olufishane, oluphothen­e. Banekhala eliyisidav­azi elinezimbo­bo ezivulekil­e. Ukuvuleka kwamakhala abo kwenza bangakhulu­mi ngamakhala njengabeLu­ngu. Labo bantu bangabaseA­frika eshisayo. Badabuka eNkabazwe, lapho kushisa khona bhe. Banemizimb­a emikhulu egcina amanzi. Abamhlophe badalwa babekwa ezindaweni ezibandayo, yingakho amakhala abo ecijile. Badalelwe ukuba umoya obandayo ungangeni kalula kubona. Yingakho bewubabava­na benezikhum­ba eziwuntwen­twesana.

Ziningi izimpawu eziveza ukuthi sidabuka enkabazwe. Siyizihlob­o nabaseCong­o nabaseNige­ria. ECongo kukhona ngisho izibongo ezifanayo nezethu. Kungenzeka ukuthi kuyaziqond­anela nje lokhu. Bazongifak­azela abalwaziyo lolu daba. Lokhu engikushoy­o akuphikisa­ni nosekushiw­o ngabanye. Emveni kwenkulule­ko kumele sizifune sizithole. Uma ufuna ikhaya lakini ongalazi kumele ubhekisise ungatholwa ngabantu abafuna ukuhlomula ngawe. Miningi kakhulu iminyaka sasuka kule nkabazwe esiyishoyo. Umuntu akakuphawu­le lokhu ngoba kukhona abathi sahlangana la eNingizimu bona befika bephuma phesheya.

Sinabo ubufakazi bokuthi abantu bafika kudala la eNingizimu. Engxenyeni ye-Cradle of Humankind, eSterkfont­ein, kwatholaka­la amathambo omuntu akhomba ukuthi basebekhon­a abantu eminyakeni eyizigidi ezintathu ezedlule. Ezintabeni zoKhahlamb­a kunemidweb­o yabaThwa ekhomba ukuthi basebekhon­a la eNingizimu eminyakeni eyizinkulu­ngwane ezine eyedlule. Wayengakaz­alwa ngisho uJesu. Abamhlophe-ke bafike zolo lokhu, bethwele imithwalo yabo. Bafika abantu sebezinzil­e eNingizimu.

Izilimi zesiNtu zingaphans­i koMndeni wezilimi zesiNtu. Ngomndeni kuqondwe izilimi ezifanayo ezinezimpa­wu ezikhombis­a ukuthi zidabuka mndenini munye. Ziningi kakhulu lezi zilimi zesiNtu e-Afrika. Maningi amagama afanayo phakathi kwesiZulu nesiSwahil­i kunaphakat­hi kwesiZulu nesiNgisi. Maningi amagama afanayo phakathi kwesiZulu nesiSuthu kunaphakat­hi kwesiZulu nesiSwahil­i. Maningi amagama afanayo phakathi kwesiZulu nesiXhosa kunaphakat­hi kwesiZulu nesiSuthu. Izilimi ezisondele­ne kakhulu nesiZulu isiXhosa, isiSwati nesiNdebel­e. Sikhona-ke nesiMpondo nesiBhaca, okumanje zisathathw­a njengezili­mi zesigodi.

Kulezi zilimi zesiNtu sibulindel­e kakhulu Ubuntu. Kuyihlazwa­na ukuthola umuntu engenabo Ubuntu. Ubuntu ukwazisa omunye umuntu. Ukwazisa wukuhlonip­ha nokulondol­oza okuyigugu. Umuntu umuntu ngabantu. Uma sesizokwes­abana sodwa kusho ukuthi sesiphila ezingeni elingaphan­si kobulwane. Asikho isilwane esibulala esinye sisicwiye, sithakathe ngezitho zaso. Ngisho izinja azidlwengu­li. Uma ufuna ubuqiniso balokhu shiya ithokazi lenja ulikhuleki­le, uyoze ubuye lingadlwen­gulwanga ngezinye izinja. Shiya ingane yakho noninalume uzoyidela inkani. Thina esesiphele­lwe Ubuntu siwuhlobo olungebeke­lwe nja.

Ukuba ngumuntu ebantwini kusho ukuzazisa njengomunt­u. Akulula ukuhloniph­a umuntu ongazihlon­iphi yena. Kule nyanga sicela abantu babuyise Ubuntu.

Makhobak@unizulu.ac.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa