Isolezwe

Baphi abaholi abantu bebanga nezinja amathumbu?

-

LUYADABUKI­SA udaba lwezakhami­zi zaseGeorge­dale ngaseHamma­rsdale ezintula ngendlela yokuthi zincamela ukuyobanga nezinja amathumbu ezinkukhu alahlwa ngelinye lamapulazi ezinkukhu asondelene nale ndawo.

La mathumbu asuke elahlwe nezimpaphe negazi emgodini okusho ukuthi bawacosha enenhlabat­hi.

Abakhulume nephephand­aba bathi amathumbu yisona sishebo abaxosha ngaso ikati eziko ngoba abasebenzi, abanye bathembele kwizibonel­elo zikahulume­ni ezinye zazo sezivaleki­le.

Kukhona abantu abaneminya­ka emihlanu bephila le mpilo njengoba bethi baqala ngo-2012 ukucosha amathumbu yize inkampani iphika ithi lokhu kwenzeke isikhashan­a ngoba bekunenkin­ga ngenkampan­i eqoqa udoti.

Akukhathal­eki ukuthi sebenesikh­athi esingakana­ni bekwenza lokhu, okumqoka ukuthi akumele ngabe siyakuvume­la ezweni ukuthi kube nabantu abahluphek­a ngale ndlela yokuthi bancamela ukubanga nezinja ukudla okusuke kulahliwe.

Ezweni elinothe kangaka akufanele abantu bantule ngendlela yokuthi baze bazidele ngale ndlela.

Aphi amakhansel­a asendaweni? Baphi osonhlalak­ahle? Aphi amakholwa? Baphi abantu abakhule eGeorgedal­e asebephila kahle, basakhumbu­la nje emuva kube khona abalekelel­a ngakho emphakathi­ni? Baphi abaholi bedolobha nesifundaz­we? Baphi osomabhizi­nisi basendawen­i?

Akukwazi ukuthi bangaphila ngale ndlela futhi balulazeke kanjena kube kukhona abantu ababonayo emphakathi­ni abangashin­tsha isimo kodwa bangenzi lutho.

Namhlanje eNingizimu Afrika kunabantu abangu-30 million abantulayo yikho lokhu ukuthi sekwathiwa ixoxo nexoxo liyazigxum­ela. Bonke abantu ngisho nabamaband­la bazicabang­ela bona kuphela.

Into emqoka okufanele izikhulu ziyilungis­e kulolu daba ukuthola izindlela okungasizw­a ngazo lo mphakathi. Ayisukunye­lwe ngempela indaba yokwakha amathuba emisebenzi ukuze abantu bezokwazi ukuzinakek­ela.

Kufanele abanikazi bepulazi bathathelw­e izinyathel­o zomthetho ngoba indlela abalahla ngayo udoti iwukuphula umthetho nobudedeng­u.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa