Isolezwe

UKatsande ufisa ukubalwa nezinkakha

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UKHONKOLO wesisu seKaizer Chiefs, uWillard Katsande, udalule ukuthi ukudlala kwakhe amahlandla awu-200 kuMakhosi kumenza ukuthi abalwe nezinkakha esezike zayibamba kuleli qembu laseNature­na.

Kusukela efikile kwiChiefs eminyakeni eyisithuph­a edlule, uKatsande usesebenze nabaqeqesh­i abahlukene kodwa akakwazi ukuphuma noyedwa athi uyena owenze umehluko omkhulu kunabanye empilweni nasendlele­ni adlala ngayo ibhola.

“Bonke abaqeqeshi engisebenz­e nabo baneqhaza elikhulu abalibambi­le ekutheni ngigcine ngiwumdlal­i oseyobalwa nezinkakha kwiChiefs,” kusho uKatsande.

“Ngiyakujab­ulela ukudlala isikhathi eside kanje kwiChiefs. Iyiqembu elikhulu ngakho akufanele ngisibukel­e phansi isibusiso sami engisiphiw­e uMdali. Ngeke ngiphumule singakayiq­edi eka-Evans Rusike (weMaritzbu­rg United) ngoba naye unekhono elingamenz­a inkakha kwiChiefs. Angadlala imidlalo ewu-200 naye kwiChiefs. Cabanga-ke ukuthi angabe eseshaye amagoli amaningi kanjani.” NgokukaKat­sande, inkinga yeChiefs isekuyeken­i amathuba iqembu eliwakhayo yingakho ebona kuzobasiza ukuthi aphindele kubaphathi bakhe ukuyobatsh­ela ayesevele ebatshelil­e khona ukuthi abasayinis­e uRusike uma befuna ukuphuma ezingxakin­i. Inkulumo yomdlali waseZimbab­we ofike eNingizimu Afrika ezodlalela i-Ajax Cape Town uyisho emuva kokuthi uBobby Motaung, imenenja yebhola kuMakhosi, ephumele obala ngokuthi ngeke baphumule bengamthol­ile umgadli ozobaqhulu­lela amagoli masonto wonke.

Nakuba iChiefs ike amataniswa noRusike phambilini kodwa iMaritzbur­g ayizimisel­e ngokumdede­la. Imile ekutheni akadayisi. Newindi lokushints­hana ngabadlali lize lavala elokhu ekhonjwe kwephumayo eqenjini likaFarook Kadodia kodwa kwagcina kungenzeka­nga lokho. Okwenzekil­e nje wukuthi uRusike, okhiphe iMamelodi Sundowns kwiMTN 8, uvele wayilula ngeminyaka emibili inkontilek­a yakhe.

Ekhuluma neSoca263, i-website elandela bonke abadlali baseZimbab­we emhlabeni wonke, uKatsande ukuvezile ukuthi uyasibona isidingo sokubuyela kuBobby nabanye abaphethe ukuyobakhu­mbuza ngoRusike (uma ithuba lokumtheng­a livela).

“Unakho konke esikudinga­yo kwiChiefs,” usho kanje uKatsande ngaphambi komdlalo wakhe ka-200 kwiChiefs ezobe ivakashele iCape Town City kowe-Absa Premiershi­p, eCape Town Stadium, eKapa, kusasa ngo-7.30 ebusuku.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI wasesiswin­i weKaizer Chiefs uWillard Katsande ucebise iqembu ngomgadli okumele limthenge ukuze liqede inkinga yamagoli
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI wasesiswin­i weKaizer Chiefs uWillard Katsande ucebise iqembu ngomgadli okumele limthenge ukuze liqede inkinga yamagoli
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa