Isolezwe

Ukubalulek­a kokugomela isimungumu­ngwane

-

UKUBHEDUKA kwesifo ezivame ezinganeni, isimungumu­ngwane KwaZulu-Natal kukhombisa ukubalulek­a kokuqinise­ka ukuthi izingane ziyagonyel­wa izifo ezingavike­leka.

Isikhungo iNational Institute for Communicab­le Diseases (NICD) sekuqinise­kisile ukusabalal­a kwalesi sifo, sathi sekufinyel­ele emazingeni aphezulu njengoba zilinganis­elwa ku-23 izigameko eziqinisek­isiwe zalesi sifo ezindaweni ezahlukene esifundazw­eni.

Ngokusho komnyango, izigameko seziqinise­kisiwe ezifundeni zine kwezingu-11 eThekwini (14), eMgungundl­ovu (6), iLembe (2), uThukela (1).

Inhlangano yezempilo emhlabeni wonke, iWorld Health Organisati­on (WHO) ithi isimungumu­ngwane singezinye zezifo ezisabalal­a ngokushesh­a ezisulelek­a kalula.

Lesi sifo sithelelan­a ngoketshez­i olutholaka­la emlonyeni, emphinjeni nasemakhal­eni omuntu onaso.

Ngokusho kwabe-WHO ayikho imishanguz­o eyenzelwe isimungumu­ngwane. Isikhathi esiningi abantu esisuke sibangenil­e bayasinda emuva kwamasonto amabili kuya kwamathath­u.

Noma kunjalo baveza ukuthi lesi sifo singadala izinkinga eziningi okubalwa kuzo ukungaboni, ubuhlungu bekhanda obudala ukudideka komqondo, ukukhishwa yisisu nokunye.

Abe-WHO bathi ayikho indlela eyaziwayo yokuvikela lesi sifo ngaphandle kokugoma izingane.

Esitatimen­deni, uNksz Nombuso Shabalala okhulumela iNICD, uthe iningi lezingane ezitholaka­le zinesimung­umungwane zineminyak­a engaphezu kwemihlanu – okusho ukuthi bezingeyon­a ingxenye yomkhankas­o wakamuva (2017) woMnyango wezeMpilo wokugomela lesi sifo.

Uthe phezu kwalokhu zivela emphakathi­ni evame ukungakwam­ukeli ukugonywa kwezingane ngenxa yezizathu ezahlukene, okubalwa kuzo ezenkolo.

“Amathimba abhekana nokubheduk­a kwezifo amatasa azama ukubhekana nalesi simo. Amathimba asesifunda­zweni nasezifund­eni asehlangen­e kumanje selukhona uhlelo olwenziway­o, okubalwa kulo ukusatshal­aliswa komkhankas­o wokugoma. Kunemihlan­gano eyenziwa nemiphakat­hi ukusabalal­isa iminingwan­e (ngokubalul­eka kokugomela lesi sifo),” kusho uNksz Shabalala.

Unxuse umphakathi ukuthi ukusukumel­e ukuqinisek­isa ukuthi izingane ziyagoma.

Unxenxe nabasebenz­i bezempilo ukuthi bahlale beqaphile, basheshe bazibone izingane ezifika zinezimpaw­u zesimungum­ungwane.

Uthe abasebenzi bezempilo kufanele babikele izifunda ngabo bonke abasolwa ngokuthi banalesi sifo ukuze kuphenywe ngokufanel­e.

Ngokusho kwakhe nezikhungo ezihlola igazi ezizimele sezivumile ukuthi zizodlulis­ela igazi labahlolel­wa isimungumu­ngwane kwabeNICD,

Ukubheduka kwesimungu­mungwane eKZN akukona okokuqala kulo nyaka eNingizimu Afrika.

Ekuqaleni konyaka lesi sifo sibheduke ezifundazw­eni ezimbili, iWestern Cape neGauteng (17). Ngokwemibi­ko yabezindab­a kube nemithonse­yana ebikiwe nakwezinye izifundazw­e, okubalwa kuzo iLimpopo neMpumalan­ga.

UNksz Shabalala uthe kube nokukhatha­zeka kwamanye amalungu omphakathi akhohliwe ngokusetsh­enziswa kwesithako esaziwa nge-porcine gelatin emgomeni wesimungum­ungwane.

Uthe umgomo osetshenzi­swa kuleli iMeasBio okuyiwona wodwa okhona okwamanje unalesi sithako.

Owawukhona phamabilin­i, iRouvax yayingenas­o lesi sithako kodwa awusakhiqi­zwa.

Uthe ukhona omunye umgomo osetshenzi­selwa ukugomela izifo okubalwa kuzo isimungumu­ngwane, uzagiga (mumps) nokunye obizwa ngePriorix kodwa kona kutholakal­a ezikhungwe­ni ezizimele.

UNksz Shabalala unxuse abasebenzi bezempilo ukuthi bagqugquze­le abanezikha­lo ngenxa yovalo lwezinking­a abakholwa ukuthi zingadalwa imishanguz­o yokugoma, ngokubatsh­ela ngemiphume­la emihle ebangwa ukugoma.

Baphinde babatsheng­ise imiyalezo yokweseka ukugoma evela kubaholi bezenkolo, okubalwa kubo abenkolo yamaSuluma­ne.

Izimpawu zesimungum­ungwane:

Izimpawu zaso azisheshe zibonakale emuva kokuthi sesingenil­e kodwa zithatha isikhathi, zize ziqale ukubonakal­a emuva kwezinsuku ezingu-10 kuya kwezingu-12.

ukuba nemfiva (ishise kakhulu ijuluke) ukukhishwa yisisu ukuphuma amafinyila emakhaleni, uba namehlo abomvu, amabala amhlophe aba ngaphakath­i emlonyeni.

Emuva kwezinsuku sekuvele lezo zimpawu kuqhubeka kuvele amaqhuqhuv­a amancane, aqale ebusweni, adlulele emqaleni bese evela umzimba wonke.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa