Isolezwe

Basola uMalema ngokufuna udumo kushona uMagaqa

- BALDWIN NDABA

I-ANC Youth League isola umholi we-EFF uMnuz Julius Malema ngokuseben­zisa ukufa kowayenguN­obhala we-ANCYL uMnuz Sindiso Magaqa ukuthola udumo.

UMalema ugxekwa emuva kokuthi eveze ukuthi uMagaqa wayehlela ukujoyina i-EFF ngoJulayi 13 okuwusuku adutshulwa ngalo.

UMaqaga ngumholi wesine ukudutshul­wa eMzimkhulu. Wadutshulw­a ehamba namakhanse­la amabili okungoNksz Nonsikelel­o Mafa noNksz Jabu Mzizi ngaphandle kwesitolo esisendawe­ni yase-Ibisi, eMzimkhulu.

Kuzoba nenkonzo yesikhumbu­zo kaMagaqa ngoLwesith­athu eNyuvesi yaseJohann­esburg, eSoweto, nenye ezoba seMzimkhul­u enkundleni yemidlalo iBhisa ngoLwesine.

UNobhala Jikelele we-ANCYL, uMnuz Njabulo Nzuza, uthe bayibonile inkulumo kaMalema enganambit­hisiseki ngoba usebenzisa ukufa ukuzakhela udumo.

“UMalema usebenzisa ukufa ukuzakhela udumo. Akakhulumi iqiniso ngoba siyazi uMagaqa ubeyithand­a i-ANC futhi ubengeke aye kwelinye iqembu. Yimbi le nto eyenziwa nguMalema,” kusho uNzuza. Uthe bazosivike­la isithunzi sikaMagaqa futhi ngeke bavumele osomathuba abafana noMalema ukuthi basebenzis­e ukufa kwakhe ukuzakhela udumo.

“Amaphoyisa kufanele enze konke okusemandl­eni ukubopha ababulali bakaMagaqa,” kusho uNzuza.

UMnuz Vuma Magaqa, okhulumela umndeni wakwaMagaq­a, akazange asho ukuthi uMalema ukhona ohlelweni lwabantu abazokhulu­ma emngcwaben­i kodwa uthe bamatasa nezinhlelo zomngcwabo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa