UMkhize we-ANC uyabhoboka
UMGCINIMAFA-jikelele kaKhongolose uDkt Zweli Mkhize uxwayisa ngokuthi izolimala kakhulu i-ANC uma amalungu ayo ezoya engqungqutheleni kaDisemba eNasrec, eGoli eklwebhana njengesikhathi kuyiwa ePolokwane.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe, eGugwini eMzimkhulu ngempelasonto, uMkhize uthe unovalo lokuthi uma le nto yokuthi lona ngumuntu kabani ingaqedwa, ukudluthulana kuzoba kukhulu kulo nyaka ukwedlula okwasePolokwane.
“Into engenza ngishumayele indaba yobumbano ukuthi ngingo munye wabantu ababephambili kuyiwa ePolokwane, sasithi sizama ukulungisa izinto kwagcina sekudluthulwana kwaze kwanyakaza nezimpande zombutho. Angifisi ukuthi ngiphinde ngibone kwenzeka into efanayo nangalo nyaka,” kusho uMkhize.
Uthe akakwazi ukuziqhelisa emokalweni owenzeka ePolokwane.
“Angiboni ukuthi kungaba ubuhlakani ukuthi ngiqhubeke ngihambe ngendlela ehlukanisa uKhongolose phakathi ngoba ngiyayazi ingozi yalokho.
Uma kungaphinda kwenzeke namanje usungaba mkhulu kakhulu umonakalo,” kusho uMkhize.
Uthe uyazi kahle yena into yokungabikhona kobumbano, wengeza ngokuthi ike yenzeka eKZN phakathi kwakhe noMnuz Sbu Ndebele.
“Sadlula kuleso sikhathi lapho eKZN kwakunomsindo phakathi kwami noNdebele kwaze kwafika ekutheni lapho kwakumele sitshele khona abantu ukuthi abazihlunge ukuthi bangabantu bami noma bakaNdebele noma abakaKhongolose, sayivala kanjalo indaba yokuklwebhana,” kusho uMkhize.
UMkhize ogaqele isikhundla sikamengameli njengoba kuyiwa engqungqutheleni, uthe uzobhekana naso isimo uma kungenzeka kungcoliswe igama lakhe njengoba kwenzeka kwabanye abaholi abasembangweni.
“Uma kukhona okuvelayo okubukeka ukuthi kungale kwezinto eziyiqiniso, ngobhekana nakho ngoba anginakho engilindele ukuthi kuzovela kodwa uma kunabantu abanezinto abafuna ukuzifaka kobaluleka ukuthi kube izinto abanesiqiniseko sazo,” kusho uMkhize.
Mayelana namalungiselelo omkhankaso, uMkhize owake waba nguNdunankulu waKwaZulu-Natal noSihlalo we-ANC esifundazweni uthe okwamanje basematasa nohlelo lokucwaningwa kwamagatsha nokuhlala kwemihlangano yawo, okulapho kuzoxoxwa khona ngendaba yobuholi.
Ebuzwa ukuthi uthini umbono wakhe ngomengameli wesifazane, uMkhize uthe uKhongolose awukaze ube nenkinga nomengameli wesifazane. Wengeze ngokuthi kodwa kumele kube wumuntu okuvunyelwana ngaye.