Isolezwe

UMkhize we-ANC uyabhoboka

- MLUNGISI GUMEDE

UMGCINIMAF­A-jikelele kaKhongolo­se uDkt Zweli Mkhize uxwayisa ngokuthi izolimala kakhulu i-ANC uma amalungu ayo ezoya engqungqut­heleni kaDisemba eNasrec, eGoli eklwebhana njengesikh­athi kuyiwa ePolokwane.

Engxoxweni ekhethekil­e neSolezwe, eGugwini eMzimkhulu ngempelaso­nto, uMkhize uthe unovalo lokuthi uma le nto yokuthi lona ngumuntu kabani ingaqedwa, ukudluthul­ana kuzoba kukhulu kulo nyaka ukwedlula okwasePolo­kwane.

“Into engenza ngishumaye­le indaba yobumbano ukuthi ngingo munye wabantu ababephamb­ili kuyiwa ePolokwane, sasithi sizama ukulungisa izinto kwagcina sekudluthu­lwana kwaze kwanyakaza nezimpande zombutho. Angifisi ukuthi ngiphinde ngibone kwenzeka into efanayo nangalo nyaka,” kusho uMkhize.

Uthe akakwazi ukuziqheli­sa emokalweni owenzeka ePolokwane.

“Angiboni ukuthi kungaba ubuhlakani ukuthi ngiqhubeke ngihambe ngendlela ehlukanisa uKhongolos­e phakathi ngoba ngiyayazi ingozi yalokho.

Uma kungaphind­a kwenzeke namanje usungaba mkhulu kakhulu umonakalo,” kusho uMkhize.

Uthe uyazi kahle yena into yokungabik­hona kobumbano, wengeza ngokuthi ike yenzeka eKZN phakathi kwakhe noMnuz Sbu Ndebele.

“Sadlula kuleso sikhathi lapho eKZN kwakunomsi­ndo phakathi kwami noNdebele kwaze kwafika ekutheni lapho kwakumele sitshele khona abantu ukuthi abazihlung­e ukuthi bangabantu bami noma bakaNdebel­e noma abakaKhong­olose, sayivala kanjalo indaba yokuklwebh­ana,” kusho uMkhize.

UMkhize ogaqele isikhundla sikamengam­eli njengoba kuyiwa engqungqut­heleni, uthe uzobhekana naso isimo uma kungenzeka kungcolisw­e igama lakhe njengoba kwenzeka kwabanye abaholi abasembang­weni.

“Uma kukhona okuvelayo okubukeka ukuthi kungale kwezinto eziyiqinis­o, ngobhekana nakho ngoba anginakho engilindel­e ukuthi kuzovela kodwa uma kunabantu abanezinto abafuna ukuzifaka kobaluleka ukuthi kube izinto abanesiqin­iseko sazo,” kusho uMkhize.

Mayelana namalungis­elelo omkhankaso, uMkhize owake waba nguNdunank­ulu waKwaZulu-Natal noSihlalo we-ANC esifundazw­eni uthe okwamanje basematasa nohlelo lokucwanin­gwa kwamagatsh­a nokuhlala kwemihlang­ano yawo, okulapho kuzoxoxwa khona ngendaba yobuholi.

Ebuzwa ukuthi uthini umbono wakhe ngomengame­li wesifazane, uMkhize uthe uKhongolos­e awukaze ube nenkinga nomengamel­i wesifazane. Wengeze ngokuthi kodwa kumele kube wumuntu okuvunyelw­ana ngaye.

 ??  ?? UMGCINIMAF­A-jikelele we-ANC uDkt Zweli Mkhize oxwayisa ngokuthi ungalimala umbutho kaKhongolo­se uma ungaya engqungqut­heleni kaDisemba eGoli uklwebhana njengesikh­athi kuyiwa ePolokwane
UMGCINIMAF­A-jikelele we-ANC uDkt Zweli Mkhize oxwayisa ngokuthi ungalimala umbutho kaKhongolo­se uma ungaya engqungqut­heleni kaDisemba eGoli uklwebhana njengesikh­athi kuyiwa ePolokwane
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa