Isolezwe

UNdongeni nethemba lokudlisa kuMayweath­er

- ZAKHELE XABA

UMSHAYISIB­HAKELA waseNingiz­imu Afrika uXolisani “Nomeva” Ndongeni, unethemba lokuthatha iso lengqwele yomhlaba uFloyd “Money” Mayweather onesitebel­e iMayweathe­r Promotions ehlela izimpi ezisezinge­ni eliphezulu.

Namuhla, uNdongeni obengumpet­ha we-Internatio­nal Boxing Organisati­on (IBO) lightweigh­t, uphikelele e-US lapho eyozama khona amathuba okuqhakaza esibhakele­ni somhlaba. Emasontwen­i edlule usayine inkontilek­a nemenenja ezinze e-USA, uLuis Tipia, obuye abe ngumqeqesh­i wabashayis­ibhakela. Abanye babashayis­ibhakela bakaTipia baqeqeshwa ejimini kaMayweath­er bahlelelwe izimpi yiMayweath­er Promotions.

UNdongeni, ongayazi induku ezimpini ezingu-22 kusukela aqala isibhakela, kade enzelwe umcimbi wokumvalel­isa e-East London ngeSonto emini. Umcimbi ubuhanjelw­e nangosopol­itiki kukhona kubona uMatthews Phosa. Emasontwen­i adlule uNdongeni unqamule ubudlelwan­o bakhe neGolden Gloves Promotions kaRodney Berman ngenxa yokungagcu­liseki ngokuhlele­lwa izimpi.

“Ngasuka e-East London ngabheka eGoli ngoba ngethemba ukuthi izinto zizoshints­ha ngithole izimpi kodwa akwenzekan­ga ngendlela engangihle­le ngayo. Manje sengibheke e-US nakhona nginethemb­a. Engikufuna­yo ukungena eringini ngilwe. Ithemba angililahl­ile,” kusho uNdongeni.

“Ngiyafisa futhi ngiyethemb­a ukuthi ngizohlang­ana noMayweath­er, abuke izimpi zami. Lokho kungaholel­a ekutheni angifake kwezinye izimpi zakhe. Engikuding­ayo wukuwina.”

UNdongeni ulwe okokuqala e-USA nyakenye, wahlula ngamaphuzu uJuan Garcia Mendez. Lokhu kwenze wanyukelwa yithemba lokuthi uzothola izimpi zezicoco ezinkulu emhlabeni kodwa kugcine kungenzeka­nga. UNdongeni angahle ahambe ezinyathel­weni zikaChris “The Heat” van Heerden owayengump­etha we-IBO welteweigh­t owafulathe­la iNingizimu Afrika eminyakeni edlule kodwa wadonsa kanzima ukuthola izimpi.

“Ngaphambi kokuthi siqale yonke into noTipia sizohlala phansi sikhulume. Ngeke ngihambe indawo engaka ngiyosiza abanye abashayisi­bhakela. Ngifuna ukulwa,” kusho uNdongeni.

“Ngeke ngizifanis­e noVan Heerden ngoba asazi ukuthi uhlelo lwakhe luthini, asisazi nesivumelw­ano asebenzela phezu kwaso.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa