Isolezwe

UNomvethe ethubeni lomlando

- MINENHLE MKHIZE

UKUBHEKE ngabomvu ukuqopha umlando umgadli waMaZulu, uSiyabonga “Bhele” Nomvethe, ezakhe ezizobheka­na neMaritzbu­rg United emdlalweni we-Absa Premiershi­p namuhla ngo-7.30 ebusuku.

Namuhla kulindelwe umdlalo onzima phakathi koSuthu neTeam of Choice King Zwelithini Stadium, eMlaza. UBhele (39) odabuka KwaMashu, eThekwini, ushoda ngegoli elilodwa ukuze abe ngumdlali onamagoli amaningi kunabo bonke emidlalwen­i yePremier Soccer League (PSL).

Njengamanj­e uBhele ubambene noDaniel “Mambush” Mudau owayegijim­a kwiMamelod­i Sundowns eminyakeni eyedlule ngamagoli angu-110.

“Ngizimisel­e ngokwandis­a isibalo samagoli kwiPSL. Umsebenzi wami wukushaya amagoli amaningi. Uma ngithola ithuba lokudlala ngizimisel­e ngokufaka isandla empumelelw­eni yeqembu ngokushaya amagoli. Ngingajabu­la uma ngingakwaz­i ukwephula leli rekhodi. Mina bekuyinto engingayin­akile kodwa kungangija­bulisa ukulephula,” kusho uNomvethe.

Usuthu lukhuze ibuya kwi-Absa Premiershi­p kule sizini ka-2017/2018. Luthenge ilungelo leThanda Royal Zulu lokugijima esigabeni esikhulu. Emdlalweni wokuqala lushaye iFree State Stars ngo 1-0 eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.

Kowesibili Usuthu luguqiswe yiChippa United ekuhambeni. “Umdlalo wethu uzoba nzima. Ngeke kube ngumdlalo olula kwazise iMaritzbur­g iyiqale kahle isizini ngaphambi kokuthi ishaywe yiSuperSpo­rt United kwiMTN 8 ngempelaso­nto. Ngikholwa wukuthi kuzoba ngumdlalo ohlabahlos­ile futhi abalandeli bazowuthak­asela kakhulu. Ikhefu lisinike ithuba elanele lokulungis­a amaphutha ethu. Sibheke ukuqhubeka nomgqigqo omuhle ekhaya ngoba kowokuqala sikwazile ukuthola amaphuzu agcwele sibhekene neFree State Stars,” kusho uNomvethe. Ngesizini edlule uBhele ushaye amagoli angu-17 kwiNationa­l First Division (NFD). Useke wawunqoba umklomelo womdlali oshaye amagoli amaningi kwi-Absa Premiershi­p. “Angilimele. Emidlalwen­i emibili yokuqala angidlalan­ga ngenxa yokuthi bekuyisinq­umo somqeqeshi (uCavin Johnson). Angikhatha­zekile, okwamanje wukulinda elami ithuba bese ngiyaliseb­enzisa,” kusho uNomvethe.

 ??  ?? SIYABONGA NOMVETHE
SIYABONGA NOMVETHE
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa