IBurkina Faso ayeneme ngesinqumo seFifa
IZIPHATHIMANDLA zikasoseshini webhola, iBurkina Faso Football Federation (FBF), zisongela inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni iFifa, kulandela ukushaya kwayo umthetho wokuthi umdlalo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2018 obuphakathi kweBafana Bafana neSenegal kumele uphindwe.
Ekuqaleni kwesonto iFifa imemezele ukuthi isinqume ukuthi umdlalo kaGroup D onqotshwe yiBafana ngo 2-1 kwiSenegal ngonyaka odlule ePolokwane uphindwe. Ithe lokhu kungenxa yokutholakala kukanondweba obewuphethe, uJoseph Lamptey waseGhana, esecaleni ‘lokupheka’ umphumela walo mdlalo.
Kulo mdlalo uLamptey unike iBafana iphenathi engacacile okwenze bavutha bonke abadlali beSenegal besho ukumqeda. IFifa iqale yamhlawulisa ngokummisa izinyanga ezintathu uLamptey ngemuva kokutholakala enecala lokupheka umphumela kodwa yabuye yajika yamgixabeza ngokumdingisa ingunaphakade ebholeni okuyilapho kuvele khona eyophindwa komdlalo.
Ngokwenkulumo kaPaulo Duarte, iFBF izokulwisa lokhu kuphindwa komdlalo ngoba kuzophazamisa nabo abangangene kulolu daba.
“ISenegal sesiqedile nayo, manje konke okuzokwenzeka uma lo mdlalo uphindwa kungashintsha. Esesinakho kusibeka esicongweni kodwa lokhu kusengashintsha. Abukho ubulungiswa lapho ngoba sizobe sesifela izono esingazazi. Sizozihamba zonke izinkantolo uma kufanele ngoba ngokwemithetho yayo iFifa isinqumo sikanondweba siwujuqu,” usho kanje uDuarte kuSoka25east.com.
Le nhlangano eyengamele ibhola eBurkina Faso, isiyazisile iFifa ngokungenami kwayo. Lesi sitatimende siyaleze nabantu baseBurkina Faso ukuthi abaqhubeke nokuhlangana beseke izwe labo ngoba indlela ebheke kwiNdebe yoMhlaba iyakhanya.
ISafa isivumile ukuwuphinda umdlalo. Njengamanje iBurkina Faso iqhwakele kuGroup D ngamaphuzu ayisithupha ilandelwe yiCape Verde ngawo ayisithupha kodwa isele ngokwamagoli. INingizimu Afrika inephuzu elilodwa ekugcineni bese kuthi iSenegal ibe sendaweni yesithathu ngamaphuzu amahlanu. IBurkina Faso neCape Verde basalelwe imidlalo emibili bese kuthi iSenegal neBafana basazobhekana ekhaya nasekuhambeni ngoNovemba kodwa kuzoqala iBurkina Faso eNingizimu Afrika ngo-Okthoba.
Uma kuwina iSenegal emdlalweni ozophindwa kuzosho ukuthi aphelile amathuba eNingizimu Afrika okuya kwiNdebe yoMhlaba kodwa iSenegal izobe isethubeni elingcono kakhulu kuleli qoqo.