Isolezwe

IBurkina Faso ayeneme ngesinqumo seFifa

- MTHOKOZISI MNCUSENI

IZIPHATHIM­ANDLA zikasosesh­ini webhola, iBurkina Faso Football Federation (FBF), zisongela inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni iFifa, kulandela ukushaya kwayo umthetho wokuthi umdlalo wokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba ka-2018 obuphakath­i kweBafana Bafana neSenegal kumele uphindwe.

Ekuqaleni kwesonto iFifa imemezele ukuthi isinqume ukuthi umdlalo kaGroup D onqotshwe yiBafana ngo 2-1 kwiSenegal ngonyaka odlule ePolokwane uphindwe. Ithe lokhu kungenxa yokutholak­ala kukanondwe­ba obewupheth­e, uJoseph Lamptey waseGhana, esecaleni ‘lokupheka’ umphumela walo mdlalo.

Kulo mdlalo uLamptey unike iBafana iphenathi engacacile okwenze bavutha bonke abadlali beSenegal besho ukumqeda. IFifa iqale yamhlawuli­sa ngokummisa izinyanga ezintathu uLamptey ngemuva kokutholak­ala enecala lokupheka umphumela kodwa yabuye yajika yamgixabez­a ngokumding­isa ingunaphak­ade ebholeni okuyilapho kuvele khona eyophindwa komdlalo.

Ngokwenkul­umo kaPaulo Duarte, iFBF izokulwisa lokhu kuphindwa komdlalo ngoba kuzophazam­isa nabo abangangen­e kulolu daba.

“ISenegal sesiqedile nayo, manje konke okuzokwenz­eka uma lo mdlalo uphindwa kungashint­sha. Esesinakho kusibeka esicongwen­i kodwa lokhu kusengashi­ntsha. Abukho ubulungisw­a lapho ngoba sizobe sesifela izono esingazazi. Sizozihamb­a zonke izinkantol­o uma kufanele ngoba ngokwemith­etho yayo iFifa isinqumo sikanondwe­ba siwujuqu,” usho kanje uDuarte kuSoka25ea­st.com.

Le nhlangano eyengamele ibhola eBurkina Faso, isiyazisil­e iFifa ngokungena­mi kwayo. Lesi sitatimend­e siyaleze nabantu baseBurkin­a Faso ukuthi abaqhubeke nokuhlanga­na beseke izwe labo ngoba indlela ebheke kwiNdebe yoMhlaba iyakhanya.

ISafa isivumile ukuwuphind­a umdlalo. Njengamanj­e iBurkina Faso iqhwakele kuGroup D ngamaphuzu ayisithuph­a ilandelwe yiCape Verde ngawo ayisithuph­a kodwa isele ngokwamago­li. INingizimu Afrika inephuzu elilodwa ekugcineni bese kuthi iSenegal ibe sendaweni yesithathu ngamaphuzu amahlanu. IBurkina Faso neCape Verde basalelwe imidlalo emibili bese kuthi iSenegal neBafana basazobhek­ana ekhaya nasekuhamb­eni ngoNovemba kodwa kuzoqala iBurkina Faso eNingizimu Afrika ngo-Okthoba.

Uma kuwina iSenegal emdlalweni ozophindwa kuzosho ukuthi aphelile amathuba eNingizimu Afrika okuya kwiNdebe yoMhlaba kodwa iSenegal izobe isethubeni elingcono kakhulu kuleli qoqo.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa