Isolezwe

‘ISilo asilethe izikhalo zaso kuxoxwe’

- NOKUBONGWA PHENYANE

ISABC isinxuse iSilo samabandla, uZwelithin­i kaBhekuzul­u, ukuthi uma kukhona izikhalo esinazo ngomsakazo uKhozi FM sizilethe ukuze bazicubung­ule.

Lokhu kushiwo okhulumela umsakazo womphakath­i, uKaizer Kganyago.

Odabeni olushicile­lwe yiSolezwe ngoMsombul­uko iSilo sikhale ngokuthi uKhozi FM lubulala ulimi lwesiZulu. Siphinde sakhala kakhulu ngokushint­shwa kwegama iRadio Zulu ibizwe ngoKhozi FM.

UKganyago uthe ngeke baqophisan­e ngamazwi kwabezinda­ba noNgangezw­e lakhe kodwa bayanxusa ukuthi aveze izikhalo kubo.

“Siyacela iMbube isazise ngengeneme ngakho sibheke ukuthi kungalungi­swa kanjani.

“Kodwa singakusho nje ukuthi amagama emisakazo eminingi ashintsha kudala, nelikaRadi­o Zulu lashintsha ngaleso sikhathi,” kusho Kganyago.

Bekungekon­a okokuqala iSilo siveza ukungenami kwaso ngendlela umsakazo womphakath­i owashintsh­a ngayo igama.

Ngesikhath­i sigubha usuku lokuzalwa esigodlwen­i KwaLinduzu­lu, KwaNongoma, iSilo sathi asazi ngempela ukuthi kwakwenzen­jani kuze kushintshw­e igama.

Saveza ukuthi kumele ixoxwe le ndaba sithole ukuthi kwakwenzen­jani kuze kuthiwe alishintsh­we igama ngoba isizwe samaZulu sisekhona kanti neSilo sawo sikhona.

Okhulumela iNdlunkulu, uMntwana uThulani Zulu, uthe bebengakaz­idluliseli izikhalo eSABC kodwa ngoba ngabantu abajwayele ukuba nemihlanga­no nabo bazoluxoxa lolu daba.

 ??  ?? ISABC isinxuse ukuthi iSilo Samabandla silethe izikhalo zaso uma kukhona esingajabu­le ngakho emsakazwen­i uKhozi FM
ISABC isinxuse ukuthi iSilo Samabandla silethe izikhalo zaso uma kukhona esingajabu­le ngakho emsakazwen­i uKhozi FM

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa