Omunye umkhovu kwiSibaya?
NGABE uzophendulwa umkhovu noma uzoba yinkosikazi kaSunday Nkabinde, uSihle?
Lona ngumbuzo uZinhle Mabena, olingisa indawo kaSihle emdlalweni Isibaya, athe ababukeli bazophenduleka kuwona maduze.
Engxoxweni Isolezwe elibe nayo nale ntokazi, ithi njengoba isibuyile kulo mdlalo yaqhubeka nokuba nomhawu izinto zizoyijikela.
“USihle waziwa njengenkosikazi engugombela kwesayo, ufuna izinto zihambele yena kahle. Ngesikhathi enyamalele washiya kumapeketwane ezama ukuqeda ngondlunkulu(Jessica Nkosi). Kodwa kulokhu izinto ngeke zimhambele kahle,” kusho uZinhle.
Uthe kulo mdlalo uSihle izinto zizombhedela njengoba ukubuya kukaNkabinde empilweni yakhe kuzodala okukhulu ukuhlukumezeka.
“Uzohlupheka ngempela manje, indlela azoba nosizi ngayo ngisho ababukeli bazophelelwa inzondo abanayo ngaye, ngenxa yemikhuba yakhe yokubulala Inkosi nokuzama ukubulala uNdlunkulu,” kuchaza yena.
Uthe njengoba ethunjiwe uNkabinde kukhona azomenza khona.
“Kulokhu engikutshela khona manje, kuzoba ngokukodwa kwakho. Kungenzeka amenze inkosikazi yakhe noma amphendule umkhovu,” kuchaza uZinhle obephelile insini exoxa lolu daba.
Uthe yize abantu bekhombisa ukungamthandi uma behlangana naye kodwa abanye bayakuqonda ukuthi uyalingisa.
“Kukhona obabonayo ukuthi abahambisani nezinto engizenzayo njengoba ngilingisa kulo mdlalo kodwa abanye bayabona ukuthi kuyadlalwa,” kuchaza yena.
Uthe indawo ayilingisayo kaSihle uyayithanda njengoba imenze wakhula ekulingiseni futhi wabonakala kubantu bakuleli.
Uthe usagxile ekulingiseni kulo mdlalo, nokunakekela indodakazi yakhe.
“Ngijabule ngokuba umzali, ngiyakuthanda kakhulu,” kuchaza yena.