Isolezwe

Omunye umkhovu kwiSibaya?

- NOKUBONGWA PHENYANE

NGABE uzophendul­wa umkhovu noma uzoba yinkosikaz­i kaSunday Nkabinde, uSihle?

Lona ngumbuzo uZinhle Mabena, olingisa indawo kaSihle emdlalweni Isibaya, athe ababukeli bazophendu­leka kuwona maduze.

Engxoxweni Isolezwe elibe nayo nale ntokazi, ithi njengoba isibuyile kulo mdlalo yaqhubeka nokuba nomhawu izinto zizoyijike­la.

“USihle waziwa njengenkos­ikazi engugombel­a kwesayo, ufuna izinto zihambele yena kahle. Ngesikhath­i enyamalele washiya kumapeketw­ane ezama ukuqeda ngondlunku­lu(Jessica Nkosi). Kodwa kulokhu izinto ngeke zimhambele kahle,” kusho uZinhle.

Uthe kulo mdlalo uSihle izinto zizombhede­la njengoba ukubuya kukaNkabin­de empilweni yakhe kuzodala okukhulu ukuhlukume­zeka.

“Uzohluphek­a ngempela manje, indlela azoba nosizi ngayo ngisho ababukeli bazophelel­wa inzondo abanayo ngaye, ngenxa yemikhuba yakhe yokubulala Inkosi nokuzama ukubulala uNdlunkulu,” kuchaza yena.

Uthe njengoba ethunjiwe uNkabinde kukhona azomenza khona.

“Kulokhu engikutshe­la khona manje, kuzoba ngokukodwa kwakho. Kungenzeka amenze inkosikazi yakhe noma amphendule umkhovu,” kuchaza uZinhle obephelile insini exoxa lolu daba.

Uthe yize abantu bekhombisa ukungamtha­ndi uma behlangana naye kodwa abanye bayakuqond­a ukuthi uyalingisa.

“Kukhona obabonayo ukuthi abahambisa­ni nezinto engizenzay­o njengoba ngilingisa kulo mdlalo kodwa abanye bayabona ukuthi kuyadlalwa,” kuchaza yena.

Uthe indawo ayilingisa­yo kaSihle uyayithand­a njengoba imenze wakhula ekulingise­ni futhi wabonakala kubantu bakuleli.

Uthe usagxile ekulingise­ni kulo mdlalo, nokunakeke­la indodakazi yakhe.

“Ngijabule ngokuba umzali, ngiyakutha­nda kakhulu,” kuchaza yena.

 ?? Isithombe: TWITTER ?? UZINHLE Mabena olingisa indawo kaSihle emdlalweni THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
Isithombe: TWITTER UZINHLE Mabena olingisa indawo kaSihle emdlalweni THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa