Umbe amathuna efuna ukutshala amakinati
BAYAVEVA abanye abantu baseMahlongwa ngomlimi ombe amathuna ngogandaganda ngoba efuna ukutshala amakinati.
Bathe babekade bakhe endaweni yepulazi abayibiza ngokuthi kuseMatsheketsheni babalekiswa yimpi yombango eyaqala ngo-1980 yaze yaphela ngo-1989.
Ngaleso sikhathi kwakusenomlini omdala abangamazi ukuthi washonaphi ngoba naye wabaleka.
Babalekela ezindaweni eziseduze kwaseMahlongwa. Kuthe sekuphele impi bangabe besabuyela emanxiweni abo.
UMnuz Mdu Ntaka uthe kule ndawo kunethuna lomfowabo, uBuhle Hlophe, owashona besakhe kuyo.
“Ngibe owokuqala ukuyokhuluma nomsebenzi wasepulazini obeshayela ugandaganda, ngimtshela ukuthi kule ndawo ayilimayo kunamathuna. Ngesikhathi ngifika bese kunamathambo nezingubo ezivele ngaphandle, angazi ukuthi yithuna likabani. Elomfowethu belingakathinteki. Anginankinga ngokuthi umlimi uthi umhlaba wawuthenga kodwa ngifuna ahloniphe umfowethu olele kulo mhlaba. Uma efuna ukuwusebenzisa asuswe ngendlela, kungavele kumbiwe nje,” kusho yena.
UMnuz Mandlakayise Ndlovu oficwe ebuka amathambo nengubo ebivele ngaphandle uthe ukuvela kwamathambo abantu ngaphandle akubukeki.
“Thina bantu abamnyama sikholelwa wukuthi amathuna kumele ahlonishwe. Njengamanje asazi ukuthi amathambo asengaphandle asaphelele noma amanye ahambe nenhlabathi,” kusho uNdlovu.
Induna yasendaweni, uMnuz Muziwakhe, uthe ukhulumile nendodana yomlimi eyimenenja yepulazi ngodaba.
“Okwamanje sivumelene ngokuthi ugandaganda ungabe usaqhubeka nokumba kule ndawo eyayinemizi yabantu. Ngisazohlangana nomphakathi owawakhe la ngeSonto, sizwe ukuthi amathuna ayemangaki futhi ekuphi. Okunye esizobonisana ngakho wukuthi kuzokwenziwa njani ngalawa asegunjiwe,” usho kanje.
UMnuz Len Losegeng oyimenenja yeDrumberg Estates uthe bebengazi ukuthi kunamathuna kule ndawo. Umhlaba uthe bawuthenga eminyakeni ewu-15 eyedlule. Bebelokhu belima kuwo kancane kancane betshala kuyo ama-macademia nuts.
“Itayitela esinalo alikuvezi ukuthi kwakunamathuna yize besazi ukuthi kwakunemizi.