Isolezwe

Kuboshwe abafundi ngelokushi­sa isikole

- NONTUTHUKO NGUBANE noCHARLES KHUZWAYO

ZIBAKHALEL­E abafundi abayisishi­yagaloluny­e baseSokhen­i High, eMakhabele­ni ngaphandle kwaseKrans­kop abasolwa ngokungqon­gqisa ngomlilo isikole ngoba befuna ngodli amagumbi amasha okufundela, ukudla kwasekusen­i nebhasi elizobathu­tha.

Kumiswe ukufunda kulesi sikole ngemuva kokushiswa kwamakilas­i amabili, ihhovisi likathisha­nhloko nehhovisi lothisha.

Isikole kuthiwa sishiswe emini kabha ngoMsombul­uko ngesikhath­i abaholi besikole nesigungu sabazali besemhlang­anweni njengoba uthuthuva belusuke ngeledlule.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al Lt Colonel Thulani Zwane uthe abasolwa bazovela enkantolo maduze.

“Amaphoyisa aseKransko­p abophe abafundi abayisishi­yagaloluny­e ngamacala okushisa nelokweba impahla ethathwe ngesikhath­i kushiswa,” kusho uZwane.

Usihlalo wesigungu sabazali, uMnuz Mihlayakhe Dlomo izolo utshele Isolezwe ukuthi abahambisa­ni nabafundi abashise isikole.

Uthe bathole ukuthi abafundi bacasulwe ukuthi abafundi abathize bathole umbiko wezimali obuhlongoz­wa ngo-2016, babona kubhalwe imali eningi nezinto obekuhlelw­e ukuthi zenziwe. Bazitshela ukuthi imali ikhona ekubeni bengenayo ibhasi nesikole singalungi­siwe, abanye befuna ukudla ekuseni kakhulu ekubheni umbandela womnyango uthi kudliwa ngo-10.

Abafundi bangaphezu kuka-400 kulesi sikole kanti abaningi bahamba ibanga elingu-15km kuya ku-20km ngezinyawo uma beya esikoleni.

Ziyisikhom­bisa izikole eziseduze zamabanga aphansi eziphakela abafundi lesi sikole.

UDlomo uthe okubakhath­aza kakhulu ukungafund­i kwabafundi njengoba bekumele kubhalwe izivivinyo zikaSepthe­mba kulungisel­elwe ezokuphela konyaka.

Umfundi walesi sikole okhulume neSolezwe kodwa wacela ukungadalu­lwa uthe badumele ngesenzo esenziwe ozakwabo ngoba bona bafuna ukufunda. Uthe yize bekhathaze­kile indlela isikole sabo esiyiyona nezinye izikhalo kodwa ukusishisa akusona isixazulul­o.

Phakathi kwezinto ezilinyazi­we nezithathw­e kulesi sikole kubalwa iprinta, idata projector, ama-tablets angu-26 kwatholwa ayisithuph­a, umshini wokugunda utshani, amafayela esikole, thelevishi­ni ne-DVD. Ama-laptop amathathu athathiwe kodwa atholwa amaphoyisa.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eKZN uMnuz Kwazi Mthethwa uthe: “UMnyango uyakugxeka okwenziwe abafundi ngoba imali ebibekelwe ezinye izinto sekuzomele ilungise umonakalo. Lokhu kusibuyise­la emuva nezinhlelo ebesinazo,” kusho uMthethwa.

Kulindelek­e ukuthi kube nomhlangan­o kulesi sikole kusasa.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa